KWETHULWE umkhankaso wokukhuluma ngezindaba zocansi ezinganeni ngenhloso yokulwa nokhululelwa okungahleliwe.
Lo mkhankaso wenganyelwe yinhlangano yezizwe i-Unesco noMnyango weMfundo eyisiSekelo kuleli.
Lo mkhankaso obizwa ngeLet’s Talk! wethulwe ngeledlule nguNgqongqoshe womnyango uNkk Angie Motshekga eMamelodi High, ePitoli. Inhloso yalo mkhankaso ukuthi kukhuthazwe izingane zamantombazane ukuthi zithathe izinqumo eziphusile kwezocansi ukuze zingakhulelwa. Kuhloswe nokuthi kusetshenziswe izinhlaka ezahlukene ukubamba iqhaza ekulweni nokukhulelwa kwezingane emazweni asempumalanga nawasentshonalanga ye-Afrika.
Ngesikhathi ethula lo mkhankaso, uNkk Motshekga udonse ngendlebe izingane ukuthi ziqaphele uma kuyiwa ezindabeni zocansi.
“Okwenu ukuthi nigxile emsebenzini wesikole nikhohlwe ucansi. Ukukhulelwa usesesikoleni akukulungele wena nabazali bakho,” kusho uNkk Motshekga.
Ugcizelele ukuthi amantombazane alinde ukuqeda isikole ngaphambi kokuhlela ukukhulelwa ukuze akwazi ukunakekela izingane.
Uxwayise abafundi nangobungozi bezifo ezithathelana ngokocansi nezidalwa ukuya ocansini olungaphephile.
Angu-21 amazwe ase-Afrika ayingxenye yalo mkhankaso. Kubikwa ukuthi amazwe asempumalanga nawaseningizimu ne-Afrika anezibalo eziphezulu zokukhulelwa kwezingane.
Ngokwesitatimende esithunyelwe ngabagqugquzeli balo mkhankaso, kuvela ukuthi ukukhulelwa kwezingane akuyona inkinga engaxazululwa uhlaka olulodwa, yingakho kulo mkhankaso kufakwe zonke izinhlaka ukulekelela.
Kuthiwa ububha, ukushoda kolwazi, izinkolelo, ukuhlukunyezwa nokushoda ngezinsiza zezempilo kungezinye zezinto eziholela ekukhulelweni kwezingane.
Ngokwezibalo zakamuva kuvele ukuthi izingane zamantombazane nabesifazane yibona abasatheleleka ngegciwane ingculazi.
Lo mkhankaso uvele emuva kokuthi ngo-2017 izinhlangano ezahlukene e-Afrika zavumelana ngokulwa nenkinga yokukhulelwa kwezingane. Kulezi zinhlangano kubalwa i-Unesco, UNFPA, SAfAids neSave the Children Sweden. Kwavunyelwana ngokuthi kuqeqeshwe nabezindaba ukuze bakwazi ukuthola izibalo eziqinisekisiwe zokukhulelwa kwezingane e-Afrika.
Emazweni okuzogxilwa kuwo ngalo mkhankaso kubalwa elakuleli, Botswana, Swaziland, Ethiopia, Kenya, Lesotho, Malawi, Mozambique, Namibia, Tanzania, Uganda, Zambia neZimbabwe.
Umbiko we-Unesco uveza ukuthi bangu-21.6 million abakhulelwa bengahlelile e-Afrika yonkana ngonyaka. Kulezi zibalo kukhona nezingane, okuthiwa ziba nenkinga ngenxa yokukhulelwa zisencane noma zihushule izisu.
I-Let’s Talk Campaign kuthiwa izogxila emkhakheni wezemfundo, ezemfundo nowamalungelo. Umbiko okhishwe ngabagqugquzeli balo mkhankaso uveza ukuthi izingane eseziyeke isikole ngenxa yokukhulelwa zingu-95% eZambia, 97% eMalawi, 98% eKenya nase-Uganda nezingu-99% eTanzania. Kulindeleke ukuthi kuqale izithangami zokuqeqesha izinhlaka ezizosiza kulo mkhankaso emazweni ahlukene.