UNKSZ Sanele Ndlovu ephethe imiklomelo yakhe ayithole kwi-2025 ERWIC Awards
Image: Sithunyelwe
UKHETHE ukwenza okuhlukile embonini yokwakha uSanele Ndlovu ngokusungula inkampani ethuthukisa amakhono ngesikhathi abaningi beqoma ukuqala amabhizinisi okwakha.
Le ntokazi yaKwaMashu ithe ngesikhathi ingena kulo mkhakha, enye yezinselelo ezinkulu eyabhekana nazo ukusweleka kwezikhungo zokuqeqesha ezisezingeni eliphezulu kubantu abasha kanye nabesifazane ezinawo wonke amagunya adingekayo ukuze bakwazi ukuqasheka ngokwamakhono afanele ngqo umsebenzi.
Wabona lokhu njengesikhala okufanele nakanjani asivale, aqinisekise ukuthi izitshudeni ezibhalisela ukuqeqeshwa ezinhlelweni zeMagnacorp zingaphumi uma kuphela imfundo kodwa ziphinde ziphothule neziqu ezigcwele ezigunyazwe ngokwesekwa yizinhlaka zomhlaba njenge-CETA, i-SETA, i-QCTO, ne-W&RSETA. Lokhu kuyinto azigqaja ngayo, njengoba kukhombisa ukuzibophezela kwakhe ekunikeni imiphakathi amathuba angcono ekuthuthukisweni kwamakhono nasekuhlomiseni abantu.
Ukuzalelwa emndenini onamabhizinisi elokishini elithathwa njengelidala eThekwini KwaMashu, kwasheshe kwamfundisa ukuthi ayikho inkomo yobuthongo. Yonke into oyifunayo uyizuza ngokuyisebenzela kanzima. Uma ixoxa ngomndeni nokukhula kwayo, le ntokazi ithi iphuma emndenini obumbene futhi owesekanayo. Ubaba wakhe wayengusomabhizinisi enezinxanxathela zezitolo, imfuyo namanye amabhizinisi nokuyinto eyamkhuthaza ukuthi ahambe ezinyathelweni zakhe kusukela esemncane. Ufunde eMpumelelo High School, eMahlabathini, wabe eseqhubeka nezifundo zakhe eDurban University of Technology (DUT), lapho athola khona iziqu zeBachelor of Technology in Civil Engineering. Ukukhuliswa kwakhe kwatshala imbewu yokuba nesibindi, ukuhola nothando lokuthuthukiswa komphakathi, nokuyinto aqhubeka nayo ngisho esesebenza.
Ngaphandle kokuqeqesha, uNksz Ndlovu uphinde ahole iMagnacorp ekwenzeni umsebenzi wokwakha namaphrojekthi okuthuthukisa ingqalasizinda eseqophelweni, ukuqinisekisa ukuthi inkampani ayithuthukisi ithalente kuphela kodwa futhi ifaka isandla ngqo ekwakheni ikusasa laseNingizimu Afrika. Ukugxila kwakhe emsebenzini wokuqeqesha abangena embonini kanjalo nokwenza umsebenzi wokwakha yikhona okumenza ahluke kwabanye ngoba wenza umsebenzi obonakalayo abe ethuthukisa amakhono okuyizinto ezihlala isikhathi eside
Kulo nyaka, ngemuva kweminyaka eyishumi ehola inkampani yakhe,uzame inhlanhla ngokungenela izindondo zabesifazane abenza kahle embonini yokwakha, i-Empowerment &Recognition of Women in Construction (ERWIC), eholwa yibhodi elengamele imboni yokwakha (cidb). USanele ulale isibili emunxeni we-Mentoring Entity of the Year. Le ndondo igqamisa umsebenzi omuhle weMagnacorp wokuthuthukisa amakhono abantu abasha ngezinhlelo zayo zokuqeqesha nezinhlelo zokuqeqesha, ezihlomise amakhulu abantu abasha baseNingizimu Afrika ngamakhono agunyaziwe futhi avule iminyango yamathuba angempela asezingeni lomhlaba kwezokwakha nobunjiniyela..
Ubuye wahlonishwa nge-Chairman’s Award, okuyisigaba esibungaza ubuholi obuhle kanye nomthelela woguquko embonini yonkana, kuqinisa ukukhula kweMagnacorp nokubhekela imvelo eseNingizimu Afrika.
Le mpumelelo ayigcini nje ngokuphakamisa ukuma kweMagnacorp kule mboni, kodwa futhi ikhulisa ugqozi kwabesifazane, entsheni, nakubaholi abasafufusa eNingizimu Afrika yonkana embonini yokwakha. Njengoba izwe ligubha inyanga yabesifazane, ifike ngesikhathi sesikhumbuzo seqhaza elibalulekile elibanjwa abesifazane ekwakheni izinhlaka nemiphakathi.
UNKSZ Sanele Ndlovu ohola inkampani iMagnacorp okuyinkampani ehlinzeka ngamakhono nezinsiza zokwakha okusezingeni lomhlaba.
Image: Sithunyelwe
USanele Ndlovu nabafundi bakhe ngesikhathi bethweswa iziqu esikhungweni sakhe iMagnaCorp
Image: Sigciniwe
USanele Ndlovu nethimba lakhe asebenza nalo enkampanini yakhe iMagnaCorp eqeqesha ngamakhono ahlukene futhi yenza imisebenzi yokuphatha amaphrojekthi okwakha.
Image: Sithunyelwe