Kubhimbe uhlelo kobefuna ifa lomyeni
Image: sigciniwe
Owesifazane owathola izingane ezimbili ngaphandle komshado ulahlekelwe ingxenye yakhe ku-Government Employees Pension Fund (GEPF) yowayengumyeni wakhe ngesikhathi kuxazululwa isehlukaniso.
Lona wesifazane, ogamalakhe ligodliwe ukuvikela izingane unikele enkantolo eNkulu eLimpopo ukuze ichithe isinqumo sokudliwa kwempahla esathathwa yinkantolo yeMantshi ngesikhathi behlukana nomyeni wakhe.
Laba bashada umshado ohlanganisa amafa ngoNovemba 2015. Ngesikhathi beshada, lona wesifazane wayeneminyaka engu-30 ubudala, futhi umyeni wakhe cishe wayeneminyaka engu-60 ubudala. Babanengane eyodwa ngo-2016.
Ushiye ikhaya labo lomshado ngoSepthemba 2019 wabuya ngo-2020 kodwa wathola amasamanisi esehlukaniso ngoJuni 2021.
Ugcine ehambile futhi ngo-Okthoba 2021 ngemuva kokuthi owayengumyeni wakhe esabise ngokumdubula. Wazakhela indlu enamakamelo amathathu, wagcwalisa nempahla yasendlini ngemali ayithola kumyeni.
Ngokwamaphepha asenkantolo, ngaphambi kokuba ahambe okokugcina endlini, wayeneshende ngaphandle futhi walizalela izingane ezimbili. Ingane yokuqala yazalwa ngoFebhruwari 2019, kanti eyesibili yazalwa ngoJuni 2022. Lokhu kukhomba ukuthi ukujola kwakhe ngaphandle komshado kwaqala ngo-2018.
Wafuna isondlo kowayengumyeni wakhe salezi zingane ezimbili, egcizelela ukuthi ngezakhe. Kube ngemuva kokuthi umsolwa ephikelele ekutheni kwenziwe ulibofuzo okwaqinisekisa ukuthi lezi zingane ezimbili akuzona ezakhe.
Esicelweni sakhe, uthe iMantshi yenza iphutha ngokunquma ukuthi ukungathembeki kuyisizathu sokudliwa kwengxenye yakhe yefa. Izibonelo eziningi zomthetho wamacala ziveza ukuthi umlingani ofuna umyalelo wokudliwa kwempahla kumele afakazele ukungaziphathi kahle kwezezimali kowonile ukuze aqinisekise lowo myalelo.
Uqhube wathi inkantolo akufanele ivume ukuthi yenze iphutha ngoba abukho ubufakazi bobudedengu ngokwezimali. Ngaphezu kwalokho, uthe abukho ubufakazi bokuthi wake wamosha impahla ehlangene nesoka lakhe, njengokwesinqumo esakhishwa yiMantshi ngesimangalo sowayengumyeni wakhe.
Yize ayengasebenzi ngesikhathi eshadile, uthe ubenegalelo elikhulu ekwakheni ingcebo yakhe nomyeni wakhe. Uveze ukuthi inkantolo bekumele ikubeke eqhulwini ukuhlukunyezwa kwakhe ngumyeni wakhe ngesikhathi beshadile futhi ishaye indiva ububi bakhe bokuba nezingane ezimbili ngaphandle komshado, ngoba ukuhlukunyezwa yikona okubaluleke kakhulu.
Ugcizelele ukuthi ukuphinga akusona isizathu sokuphucwa imali; ngokufundisa, ukuba nezingane ngaphandle komshado kuwumphumela wokuphinga, futhi ukuphinga angeke kube isizathu sokulahlekelwa yingxenye yefa.
Kodwa-ke, iJaji uMariska Naude-Odendaal lithole ukuthi lona wesifazane akabekanga izizathu ezintsha ezingasiza ukuguqula isinqumo seMantshi.
Uqhube wathi lo wesifazane waze waqamba amanga ethi izingane zakhe ezimbili azalwe ngaphandle komshado ngezomyeni wakhe ngesikhathi efaka isicelo sesondlo.
Ijaji lisichithile isicelo sakhe, lasho ukungaziphathi kahle okukhulu. Lokhu kwakuhlanganisa nomkhuba wakhe wokuthatha ikhadi lasebhange lomyeni wakhe esebenzisa imali namanye amadoda, nokuqamba amanga ngokuthi izingane ezizalwa ngaphandle komshado ngezakhe kuze kube yilapho ukuhlolwa kwe-DNA kubonisa ukuthi akunjalo.