MHLELI: Sekunjalo Zulu omnyama ondlela zimhlophe, kungekudala intaka izobe ibekelwe amazolo njengoba kuzobe kusindwe ngobethole eNyokeni, KwaNongoma, ngempelasonto.
Imizila yonkana izobe imnyama kubhekwe komkhulu eMkhosini woMhlanga. Uma umi enhla nesigodlo ngenhla kwesibaya, uphonsa amehlo ezansi ubuka izingcwayi zikhuphuka nomhlanga, uqale ubuke amachopho omhlanga kube sengathi ubuka intshakaza yommbila ehlobo okanye utshani obuthe dlwa emanzini la bumile khona ngoba usuke ungaboni ukuthi buphethwe wobani.
Amachopho anyakaza kancane kuhle kwezihlahla ezithambile ehlanzeni uma kuthatha iningizimu noma inyakatho. Ngokuya besondela abanini bawo uya ngokuvela umhlanga uyikazela ube mude. Ngaphakathi esigodlweni liqhamuke izinyane leSilo liphume lithi qekelele, lidle phansi ngedolo bese liwubeka phambi kweNgonyama kaZulu.
Kuvele kube mnyama umzila uza luzile kube sengathi azikho ezisele emakhaya, zonke ziphelele ekomkhulu. Ubuhle bomkhosi buwolwa amehlo ebakaza ngoba engakwazi ukuthi angakugcinaphi konke akubonayo akugcinele isizukulwane sangomuso nabasuke bengeyona ingxenye yalowo mkhosi kulowo nyaka ngezizathu ezithile.
Ubona izinhlobonhlobo zokuvunula kwezingcwayi zabeNguni. Nanka amaNdebele, amaZulu, amaXhosa nabakwaNgwane eSwatini. Ubone isizotha namaklume emvelo. IMbube yemukela umhlanga kuleyo naleyo ngcwayi kusuka kweyokuqala kuze kube kweyokugcina andukuba iyokwethula inkulumo yosuku.
Noma usuhambile wabuyela ekhaya wafike wabeka uhlangothi andukuba ufikelwe ubuthongo, uyabubona ubuhle obebusisitheka emini kungathi bebuqathake esibhakabhakeni, baqathakela esigodlweni, futhi buzo buye buphindele kuso isibhakabhaka.
Lapho usubona inyanga ngamehlo engqondo ilunguza amawa nemihosha, uwezwe amazwi amantshikazane enkeneneza emadlebeni akho ethi: "Uyamemeza okaNdaba uyiNkosi yohlanga, lomhlanga uthengwe ngani, siye sayigwaza inyamazane siye sayigwaza ngemikhonto.“
Uzwe nezangwane zithi: "Abalamu bami bahle abalamu bami, halala! Wangithinta emabutswini halala! Liye lathi benye benye lawuphosa umbani. Ngiyesaba ukwaliwa tikulu taKwaNgwane thina sambamba uZulu.“
Asidlulise izilokotho ezinhle zodwa kulo mkhosi ongeminye ehanjelwa abantu abaphuma ngaphandle kwezwe lakithi nabaphesheya kwezilwandle, sikholwe ukuthi neNgonyama yesizwe izothula inkulumo ende ejulile nenohlonze njengoba lomkhosi omkhulukazi uzobe uhlanganisa iminyaka eyi-40 wavuselwa ngemuva kokuvalwa ngabeNgwadi ekushisweni kwesigodlo sasoNdini ngoJulayi 4, 1879.
Phila Mthethwa
EMPANGENI