OKWENZIWE ngumphakathi waseKagiso, eGoli lapho uthathe khona isinqumo sokuphuma uyozifunela mathupha imigulukudu esikhathazile, engabavukuzi abangekho emthethweni, abaziwa ngamaZama Zama, kufanele kube yisibonelo nakwezinye izakhamizini zaseNingizimu Afrika.
Ukuzidela ubeke nempilo yawo engcupheni ekubhekaneni nabavukuzi okwaziwayo wukuthi banezikhali eziyingozi, kungenxa yokuhudula izinyawo kwamaphoyisa ekulweni nokudlebeleka kwemigulukudu yoZama Zama esihlukumeze umphakathi.
Uyazibuza uziphendule ukuthi kwenzaka kanjani ukuthi siyizwe elihlonishwayo emhlabeni kodwa kuvunyelwe izenzo zobugebengu ezisehlisa isithunzi ngoba kutotoswa abantu bokufika, abangene ngokungemthetho.
Kuyacaca ukuthi siyisitha sethu uqobo, nokungenadosi sekuyatinyela ngoba kuyaziwa ukuthi ikwampunzi edlemini, umthetho yinto yayizolo.
Ukudlwengulwa kwabesifazane abayisishiyagalombili eduze kwemayini engasasebenzi eKrugersdorp, kade beyoshutha i-video yomculo, bude buduze nelokishi laseKagiso, okwenziwe ngabavukuzi, yikho kanye okubukeka kuwumsuka oholele ekudinweni kwezakhamizi, zanquma ukuzibambela mathupha.
Ekhuluma nabezindaba amalungu abethukuthele eveva, akubeke kwacaca ukuthi asekhathele wukuhlaliswa lubhojozi yile migulukudu, yingakho egcine enqume ukuzibambela wona ngenxa yokushaywa indiva ngamaphoyisa ezikhalweni zawo.
Isifundo okufanele sifundwe ngezinye izakhamizi ezweni wukuthi uma sihlangana siba yimbumba singamalungu omphakathi singaziqeda izidleke zobugebengu nezinye izenzo zobugebengu esezibalalisa obenyoni.
Isimo sokuzicanasela kwabavuki abangekho emthethweni ezimayini ezasala zikhamisile, siphonsela inselelo amaphoyisa nosopolitiki abangabaholi bezwe, ukuthi kufanele bavule amehlo, bazinuke amakhwapha, basukumele phezulu uma umphakathi uhlaba umkhosi.