MALIBONGWE igama lamakhosikazi, sijabulela futhi situsa iqhaza elibanjwa inzalabantu emphakathini nasempilweni yethu. Siphinde sibonge singaphezi sithi ukuba abantu besifazane abekho ngabe kade saphangalala.
Kunomuzi omile, omiswe umuntu wesifazane, kunezingane ezifunde zagogoda ngenxa yomuntu wesifazane, kunezingane ezingazi nokuthi ziyizintandane ngenxa yomuntu wesifazane. Luningi uthando nokunakekelwa esikuthola kumuntu wesifazane.
Eminyakeni eminingi edlule, umuntu wesifazane ubecindezelwa nxazonke. Ubengazimele - bekumele ancike kumuntu wesilisa. Khona lapho bekunengcindezelo yobandlululo ebisihleli entanyeni njengabantu abamnyama, singebantu kodwa siphila.
Bheka ngoba ngo-Agasti 21, 1956 bathi salani thina siyolwa sibhekane ezinhlamvini zamehlo nohulumeni wobandlululo, siyolwa nomthetho wokuphathwa kwamapasi. Sizowashiya ekhaya, abasibophe uma bethanda.
Emuva kokungena kukahulumeni wentando yabantu, kwaqala kwashintsha imithetho ukuze kulinganwe, owesifazane nowesilisa. Baningi abadidekayo ngalesi senzo kodwa kwakuhloswe ukuthi silingane kuhlonishwane ukuze abaphambukayo babuyiselwe emgqeni.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika:-
Le yinsika yemithetho yonke yaseNingizimu Afrika, isiphoqa ngaphansi kwalezi zigaba, esesishiyagalombili, esesishiyagalolunye, eseshumi neseshumi nanye lapho kuthiwa ukusebenza komthetho akusebenze ngokuhlelekile ngokulingana, asihloniphane siphinde sibungaze impilo ngoba ibalulekile. Ila kuqale khona ukuphasiswa kwemithetho elandelayo.
Umthetho okhuthaza ukulingana nokulwa nokucwasana
Kusekhona izimboni eziholela abantu amakinati, ezingabaqashi abantu besifazane lapho abaqashi becasha ngesithupha. Yikho kwaphasiswa umthetho okhuthaza ukulingana nolwa nokucwasana. Lo mthetho uthi konke la sinyathela khona akube khona ukulingana emsebenzini, ezikhungweni zikahulumeni ngisho nasezindaweni zenkolo noma zokuqeda isizungu akungacwaswana ngokobulili
Umthetho wokulingana ngokomsebenzi
La abesifazane beqashwe khona, ibikhona inhlese yokucindezeleka, kodwa manje siculisa okukaJumbo sithi “ nasemsebenzini ngothandaza ngithi makabongwe uJesu” ngenxa yoshintsho, umuntu wesifazane useyakwazi ukuvikeleka. Uyakwazi ukuthola amathuba omsebenzi alingana nawabesilisa.
La kwelikaMthaniya sesinoMengameli wamJaji wesifazane iJaji Thoba Portia Poyo-Dlwati, kanti manje owesifazane oyiNhloko yamaJaji wonke ezweni nguJaji Mandisa Maya. Lokho kuqinisa ithemba esinalo lokuthi bazokwazi ukulawula ekulweni nokuhlukumezeka kwenziwe nobulungiswa kwezomthetho.
Izigcawu zokulungisa ukungaboni ngasolinye: -
Abantu besifazane baseqhulwini ezikhungweni zokuqeda ukungaboni ngasolinye. Uyababona ezinkantolo. Siyathemba ukuthi sisazobona amacebo amaningi azovela ngabo, ngawo kuzobe kuhloswe ukuhlomulisa wonke muntu kuvikelwe kakhulu amalungelo abesifazane.
Umthetho olwa nodlame lwasekhaya nokuvikelwa uma uhlukunyezwa: -
Iyona kuphela le mithetho, okwazi ukuthola ngayo izivimbelo zenkantolo (protection orders) imizamo yomthetho ukuhlenga impilo yabantu besifazane. Kusadingeka ukuqeqeshwa okunzulu kwalabo abasebenzisa lo mthetho nezijeziso eziqinile kwabasebenzisa le mithetho ngenhloso yokufeza izinhloso zabo zokujezisa abantu beholwa isikhwele.
Iqhaza likahulumeni:-
Ukusungulwa koMnyango wabesiFazane, iNtsha naBaphila nokuKhubazeka kube inkomba yokuthi uhulumeni ubakhathalela kangakanani abantu besifazane. Kodwa kubuye kudabukise ukungabonakali kwalo mnyango emphakathini.
Ngeke usho ukuthi kungani ngenyanga obekubungazwa ngayo abantu besifazane, bekuthulekile nje kulo mnyango. Kanjani izinkinga zingaka, intsha idinga ukuhlonyiswa ngolwazi, abesifazane ezindaweni zasemakhaya bedinga ukutshelwa ngamathuba akhona, osomabhizinisi besifazane bedinga ukuthola imali ukuze bathuthukise amabhizinisi abo? Bazokuthola kanjani lokho uma umnyango uthule njengeqembu lezepolitiki lisaxakwe uhulumeni wokubambisana kodwa izwe lisha.
Singakwenza konke kodwa ngeke sawuthatha lo msebenzi siwunike uhulumeni kuphela. Nathi asisukume sizithathe sizenzele uhulumeni uzosifica phambili. Esikudingayo ukuhloniphana singabantu besilisa nabesifazane. Sivikele usiko lethu futhi sibheke nezinye indlela zokugcina ukuzwana nokuhloniphana kuseqopheleni eliphezulu.
Sengathiukuphela kuka-Agasti kungahambisana nokuthi , abesifazane basale beNcwaba becwebezela bebahle ngenxa yothando nemfudumalo esizobe sibanika yona. Kukho konke nakhu okumele ungakukhohlwa, wena ndoda eqotho hlonipha umuntu wesifazane , nawe mbokodo eNcwaba hlonipha umuntu wesilisa.