MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele bengicela ungiphe ithuba ngike ngiphawule ngento eyenzekayo esithanda ukuba yimbi lapha kwelethu. Ukuphawula kwami kusukela ezigamekweni ezenziwa abesilisa bakuleli kubantu besifazane, izingane, nakubantu abadala.
Sekunezinto ezenziwa abanye abantu besilisa ezithusayo nezinyantisa igazi. Ngikhuluma nje izindaba ezisematheni kulezi zinsuku zimayelana nokubulawa, ukuthunjwa nokudlwengulwa kwabantu besifazane abasebasha, izingane ngisho nabadala imbala. Kunabantu besilisa asebephenduke izilwane ezingenazwelo impela. Okumangazayo wukuthi le nto iyanda futhi iyaqhubeka kunokuba iphele.
Kula masonto adlule kunomuntu wesilisa obulale izingane ezine eWyebank, ezintathu kungezakhe eyesine ibizalwa ngunkosikazi wakhe, ngenxa yokuthi unkosikazi bese efuna isehlukaniso. Kubi ukuzwa ukuthi kanti noyise bezingane ngeke sisabethemba ngezingane zethu ngesimanga sokuthi umuntu ngeke usamazi ukuthi unamaqhinga mani ekhanda lakhe. La bantu okuyibona engabe bayasivikela kujike kube yibona abasihlukumezayo nezingane zethu ezingenamacala.
Ukuphepha akusekho kule lizwe, akuphephile ngisho izaguga lezi. Kukhona izalukazi ezimbili ezike zanukubezwa ngokocansi eMgangeni, eMzinto. Isalukazi ebesizihambela ngodondolo sike sabhekana nobunzima singakwazi nokuhamba emva kokuthi owesilisa esidlwengule ephindelela. Lokhu kubonisa ukuthi abanye besilisa abasabahloniphi ngisho nabantu abadala laba. Umuntu usengaze akhumulise isalukazi esidala esingazala ngisho unina azitike impela ngaso? Uphi unembeza kubantu besilisa? Ayiyinhle neze le nto asebeyenza.
Okunye banesibindi sokukwenza ngisho ezinganeni abangazizala. Angisayiphathi-ke le eke yasusa enkulu intukuthelo lena eyowesilisa oneminyaka engu-42 odlwengule intombazane yaseKapa maqede wayibulala ngesihluku. Le nto abayenzayo ayibukeki neze. Umthetho walapha eNingizimu Afrika kuzomele udlale indima yawo kuqhamukwe nezisombululo ngoba impela iyaphela imbokodo ngenxa yabantu besilisa abangafundisekile.
Silindile Gumede
KwaMashu