Lihle iqiniso, asingalokhu siya le nalena, ngabe sithi liyafa izwe? Selifile. Sesifike esikhathini lapho kufanele singama-Afrika sizibuze ukuthi inkululeko esasiyilwela ngakube eyokuhlala nokuthenga imizi yabelungu, ukuba sezikhundleni ababeziphethe noma kwabe kungukukhululeka kwemimoya yamathongo ase-Afrika, namagugu akhona njengalokhu saphucwa sakhohliswa ngakho? Ngakube kwakungukubuyela emuva ezindleleni esasenza ngazo esathelwa ngobhici sangabe sisazibona? Kuningi esingakubuza kulokhu esikubiza ngenkululeko. Sithi izingane zethu zifunda ezikoleni zabamhlophe, zikhuluma isingisi, olwazo ulimi ziyalwesaba, luyasehlisa, sifunda amaphephandaba ezinye izilimi awethu do.
Le mibuzo ngiyibuza ngoba izwe lithathwe labekwa ezandleni zomuntu omnyama okunguyena owalahlekelwa kodwa uma ubheka konakala ezandleni zakhe futhi nguyena okhuthaza ukonakala okwenzekayo. Ngokwesintu sase-Afrika kwakuthi uma kuvele isehlakalo endaweni noma inxiwa lelo lingcolisekile, lalihlanjululwa. Uma abababili kade bengabonanga ngaso linye kwakhona umsindo nokuxabana kwenziwe usiko lokuthelelana amanzi ukuze nezidalwa ezilele zibuyise izibusiso ezase zilahlekile.
Ngikusho lokhu ngoba izwe liya ngokuya lishona phansi ngenxa yomlando ongazange walungiseka sesithe sikhululekile. Ngesonto eledlule singakayi kude, bukela insambatheka eyenzeke ePhalamende. Kuthiwa uwayengumengameli ngesikhathi sobandlululo, uMnu FW de Klerk, akaphume ePhalamende. Lowo ongumengameli wamabhizinisi kahulumeni naye akaxoshwe. Umbuzo engisale nawo emuva kwakho konke okwenzekile, ngakube bayimbangela yini yokuthi izwe nomnotho walo kube la kukhona namhlanje? Impendulo ithi cha. Ucha wami umi ekutheni sathatha izintambo zikahulumeni kunezindawo eziningi ezazingcolisekile namhlanje eseziyinkinga.
Umnuz Pravin Gordhan njengamanje nguyena owengemele wonke amabhinisi kahulumeni. Izinkinga zala mabhizinisi zisuka la: inkampani yezindiza, i-SAA yayithwala izikhali zokuyobulala okwakuthiwa amaphekulazikhuni, aphinde agibelise bona ababeyothatha izinqumo zokubulala ababelwelwa inkululeko. IDenel yakha izikhali zokubulala amaphekulazikhuni, inhlangano yokusakaza iSABC yayisetshenziselwa ukuhlwanyela amanga ngokwenzekile, kwabe kungumshini wamanga wamabhunu. I-Eskom kwabe kuyingodla kagesi owawukhanyisela bona kuphela, iTransnet eyingxenye ngezinqola zokuthutha esasingakwazi, nazo izikhali.
Umbuzo uthi zonke lezi zikhungo zahlanjululwa yini? Ngesikhathi uhulumeni usudlulela kwabamnyama kwakukhona konke lokhu kungcola. Nabo abamnyama qobo bahlenzekile yini izandla zabo ngokwemindeni yabo?
Kuningi okwenzeka ePhalamende. Umengameli owuphahla nensika yobandlululo, uVerwoerd, wabulawelwa khona ePhalamende. Lagezwa sathathwa isithunzi sakhe? Imithetho eminingi yobandlululo beyishayelwa kulo. Uma sekungena thina abamnyama kunhlanjuliliwe lokho?
Ibhilidi likahulumeni, i-Union Building namhlanje okumiswe isithombe sikaMandela emagcekeni alo, lihlanjululiwe? Ave isithombe sikaMandela simiswe phezu kokungcola kwangaleso sikhathi?
Bukela okwenzeka emanyuvesi. Sijabule sagxuma sabheka phezulu kuthiwa emanyuvesi sekuzofundwa ndawonye. Ayephethe izifundiswa ezimhlophe ezazingafuni lutho. Uyakhumbula eWits usolwazi omhlophe owaziwisa ebhilidini wancamela ukuzibulala inyuvesi izophathwa ngomnyama? E-DUT namhlanje kufa abafundi belekanyana, akukho lutho olwenziwayo kwenzenjani? Ngabe ngumlando noma ngabaphathiswe lenyuvesi? Zikhona izimpendulo zakho konke lokhu. Ngiyishiya kuwena umfundo uyetshise.
Bhedlindaba