Mhleli: Ngokwepolitiki yasezwenikazi i-Afrika kulindelekile ukuthi kube nabaholi okuthi uma sebengene ezikhundleni bangabe besavuma ukudedela abanye. Yize noma kungenzeki lokhu ezweni lakithi kodwa i-IFP isifakile leso sigxivizo sokuholwa ngumuntu oyedwa isikhathi eside.
Ngokwabalandeli be-IFP bekungekho okungalungile ngokuholwa nguMntwana waKwaPhindangene iminyaka engaphezulu kuka-40 engaphonselwa muntu inselelo. Kuyinto ebingafihliwe ukuthi uma kukhona ozama ukuba ngumholi weNkatha ezingeni likamengameli ubefana nomuntu osebhale incwadi yokuzixosha kuleli qembu. Kuyinto engafihliwe ukuthi kunabaholi abangakukhipha umoya uma uzokhuluma ngendlela yesimanje evumelekile kwamanye amaqembu lokhu okubizwa ngentando yeningi.
Ngenxa yalokhu i-IFP igcine isilahlekelwa abaholi abanohlonze ababengasivala thaqa isikhala somntwana. Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi i-IFP izihlele kabusha manje. Angiboni ukuthi kuzoyisiza ukuhlale itusa amagalelo kaShenge. Kumele baziqophele owabo umlando ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika.
Kuzwakala njengehlaya ukuzwa uMnuz Albert Mncwango ekhuluma indaba yokuthi ngo-2012 bebesacabanga ukuba nomthetho ovimbela abantu abanentshisekelo yokuhola i-IFP bebabandlulula ngokweminyaka yabo ngaphandle kokubheka ikhono lobuholi kumuntu. Ngokwesitatimende esenziwe nguMncwango ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, kumthetho- sisekelo weqembu kunesigaba esithi umuntu oneminyaka engaphansi kuka-45 akavumelekile ukungenela isikhundla sikamengameli.
Yihlaya lelo ngoba ipolitiki yanamuhla ayihambisani nalo mthetho. Sithe sisababaza lo mthetho sezwa sekuthiwa uMntwana uzoba ngumengameli weqembu ingunaphakade. Umbuzo uthi uMnuz Hlabisa uyosithola nini isivivinyo sokuzibonakalisa kubavoti baseNingizimu Afrika ukuthi uphetheni uma inhlangano ayiholayo isazoqhubeka nokulawulwa ngendlela yomntwana? I-DA ne-EFF baholwa ngabaholi abancane kabi kodwa banamalungu ePhalamende amaningi kabi uma uqhathanisa nawe-IFP futhi nemisebenzi yabo iyabonakala. Kuyishwa ukuthi eminyakeni engaphezulu kuka-40 i-IFP yabakhona ayikazihleli njengeqembu elinenhloso yokuphatha izwe.
Uma ubhekisisa lo mthetho we- IFP usazoyisebenzela kodwa? Bekufanele engabe ngibhala le ncwadi ngenhloso yokubongela osephuma ngiphinde ngishayele izandla ongenayo kodwa ngizithola ngingazi okumele ngikwenze uma ubheka imiphumela yengqungquthela yokhetho.
Eugene Biyela