MHLELI: Ngicela isikhala ke-ngiphawule ngodaba lokutapwa kwezimpahla ezitolo nokucekelwa phansi kwezakhiwo zamabhizinisi abantu abakithi.
Kuyadumaza okwenzekile ngoba kugcine sekulimaza amabhizinisi abamnyama kwabuye kwashiywa abanye abantu abamnyama bengasenayo imisebenzi.
Lokhu okwenzekile kusishiya nemibuzo eminingi, ukuthi bekungeve kuliwa nokuboshwa kukababa uMsholozi, bese kunobugebengu. Bese kukhona nomona ohamba nenzondo yokungafuni ukubona umuntu wakini ephumelela kwezamabhizinisi.
Asifundeni ukwamukela lokho iNkosi esiphe khona. Uma omunye umuntu wakithi ephumelele asimhalalisele ngoba uphakamisa igama lethu sonke. Kuyadumaza ukucekelwa phansi kwamagaraji amathathu kababa uMbatha. Abeseshiselwani? Lokhu kwenziwe ngabantu abebazi ukuthi awomuntu wakithi. Lokhu kukodwa kukhombisa ngokusobala ukuthi ngabantu abebenomona abenze lesi senzo.
Okubuhlungu akulimalanga uMbatha kuphela, nabasebenzi bakhe balimele. Cabanga ke abantu abawu-138, sebelahlekelwe yimisebenzi ngenxa yakho wena obe nesandla ekucekeleni phansi nokushisa. Maningi amabhizinisi acekelwe phansi. UNomfundo Mcoyi weCebolethu Funeral Parlour naye uvelelwe yilo mshophi.
Kucekelwe phansi amahhovisi emagatsheni akhe amaningi. Laba abenze lokhu bakwenze bazi kahle ukuthi ibhizinisi lomuntu wakithi futhi ongowesifazane. Bashonaphi onembeza kulesi senzo esibi kangaka?
Bonke laba bantu bazuzeni ngalezi zenzo zabo ezimbi kangaka? Okubuhlungu kakhulu ukuthi naye uNomfundo usezophoqeleka ukuthi aphungule izisebenzi zakhe ngenxa yezenzo zabantu ezimbi.
Maningi kakhulu amabhizinisi abantu abamnyama acekelwe phansi, kanti inhloso bekuyini ngempela? Kuyacaca ukuthi abantu bathole ithuba lokugebenga. Kuyacaca futhi ukuthi emiphakathini yethu, ziningi izimpisi ezembethe izikhumba zezimvu.
Abantu bakwenza kanjani ukujikela umuntu behlala naye endaweni, bahlangane bazotapa izimpahla bemazi naye ebazi, baze bashise ibhizinisi lelo?
Ngikhuluma nje, baningi abantu abamnyama abangasenayo imisebenzi emva kwalolu dungunyane. Kuyadabukisa esikwenze thina, sibulala izitolo, amabhange, namagaraji kaphethroli ezindaweni esihlala kuzo. Kuphi ukucabanga lapho?
Ake sibeni nobuntu, okwenzekile singaphinde sikwenze ngokuzayo. Kufanele kuqale kucatshangwe ngaphambi kokwenza into. Abanye balahlekelwe yizihlobo zabo kulezi ndawo obekutatshwa kuzona, kuningi okonakele.
Ntabeni umfana wentaba
EHAMMARSDALE