MHLELI: Ngicela ukukhanyisa kancane ngodaba olusematheni lwalowo owaba ngumengameli wokugcina kuhulumeni wobandlululo, uFW de Klerk.
Ngiyezwa abantu bekhohlisana bethi uDe Klerk wakhulula uMandela nabantu abamnyama. Lokho akwenza lo mholi nayebambisene nabo kwakuyisona sisombululo esasikhona sokuba izwe likhululeke kwezomnotho. Uma ngithi likhululeke kwezomnotho ngisho kwezokuhweba nezemidlalo.
Ngaphambi kuka-1993 kwakunzima ukuhwebelana namanye amazwe. Ukukhululwa kwezwe kwabe kuyingcindezi efakwe ngamazwe afana no-Europe ngokomthetho, i-Anti-Apartheid Act 1986 (Comprehensive Act).
Lokho abathi yi-economic sanction, ukuvimba ukuhwebelana namazwe asaqhuba ubandlululo. Luningi-ke nokho unswinyo olwalukhona, kungashona ilanga uma ngingalubala, olunye nje kwaba ukumiswa kwezwe kwi-United Nations laze labuyiselwa emva kuka-1994 selithathwa njengelikhululekile.
Ngicela ukuyigoqa ngokucacisa ukuthi ukukhulula kwakhe izwe kwakungeyona intando yakhe kodwa kwakuyingcindezi yezonswinyo.
Ngizokwanda ngezinhlobo zonswinyo nokwehlukana kwazo ngelinye ilanga. Labo abathi uDe Klerk wadlala indima enkulu ekukhululeni izwe, nabathi wayenothando ngabantu abamnyama, kabayazi into abayishoyo.
Phela vele nabazuza ngaye bazokhuluma okuhle kodwa ngaye, bazibize ngamaqhawe omzabalazo kanti babezuza kuhulumeni wobandlululo.
Obhalile
Sibahle Ngobese