Imibono

Yekani uShenge enze alethelwa kona kulo mhlaba

Published

Umlobi ukhuza abantu abenza into ayibiza ngento enyanyisayo abadelela iNkosi uMangosuthu Buthelezi babuye bamchaphe ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana

MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala ngiphefumule ngesenzo esibi esenziwa ilabo asebezibona bengongqeqe ababiza bachaphe undunankulu wesizwe samaZulu nenkosi yakwaButhelezi, uMntwana uMangosuthu Buthelezi ngamagama nangezinhlamba.

Le nto seyande emaqoqweni ezinkundla zokuxhumana lapho uthola nokungenadosi kuzitinyelela kokaMnyamana. Baze bamgagule ngegama lakwabo endlini.

Thina sikhuliswe ngokuthi umuntu omdala akagagulwa ngegama lakwabo, kangakanani ke inkosi nomholi omkhulu kangaka nokungebani sekumgagula njengontanga yako. Sikhule nje obaba nomkhulu bebizwa ngamabutho abo oManukelana (uShenge naye ayiwo), oNtabayezulu, Phondolwendlovu, Nqabayembube, uVukayibambe, Mavalana njalonjalo nobekugcina kusenza sikholelwe ukuthi amagama abo lawo. Mina nje ubaba ongizalayo ubenguKhiphinkunzi okuyibutho elelama uManukelana.

Imbi Zulu le nto futhi uvele ucobeke amathambo uthola nomZulu ephenduka izemtiti elibiza umuntu omdala kangaka ngegama. Isimanga wukuthi le nto siibona seyenziwa nangabanye babantwana basendlunkulu lapho inkosi yaKwaPhindangene impela izalwa khona.

Kubona kukhona asebembiza ngamagama, ondlovukayiphikiswa, umshana, umuntu wakwaButhelezi ongena izindaba zasemakubo, njalo njalo. Kuyacaca abazi ukuthi yini umsebenzi kandunankulu. Ake baphume babuze kwabadala nabaziyo.

Ngixakeka sebembiza ngomshana ekubeni kubo engubaba nomkhulu. Ngoba akasekho osesesigabeni kubo sokumbiza ngomshana.

Lokhu abasendlunkulu bakwenza nje bayazi kahle imisebenzi kaMntwana eyenzela isizwe sikaZulu, iziNgonyama kusukela kumzala wakhe ingonyama uBhusha, iMbube esiyebuzile. Namanje usaqhuba leyo misebenzi ngokweseka IiSilo esilizinyane leSilo uMdlokombana.

Zonke iZilo esezabuza nabantwana abadala bebemazisa uNdunankulu nendima ayidlala endlukulu. Nabantwana abadala ngaphandle kwalabo abase bengosopolitiki sebembuka naye ngale liso, kodwa ababengekho kuyo abakaze bambize ngala magama. Sebengenwe yilo moya wezikhova wepolitiki eyenza ingane izibone isilingana nabantu abadala nabakhulu.

Lesi senzo esinyanyisayo sibukeka impela siqhutshwa inhlese yombusazwe. OkaMathole osomathuba uliqaqa kangaka kubo ngoba banele bambone babone imbangi yabo yombusazwe. kanti abasendlunkulu bona kumele ngabe babona uNdunankulu, ubaba, umkhulu, umntwana wasendlunkulu, nenkosi.Angisaphathi ke imikhovu yezinkundla zokuxhumana.

Ngicela sikwazi ukuhlukanisa isikhundla sobuNdunankulu,esobuntwana , esobukhosi nesepolitiki. Inkosi uButhekezi wagcotshwa zinyandezulu engakazalwa ukuthi uyoba umholi oyoba namandla. Ngamafuphi walokothwa. waphrofethwa inkosi uMqaliwendlela (Isiah Shembe) ukuthi uyoba igatsha lesizwe.

Le misebenzi emingaka egculisayo ayenzayo nezikhundla aziphethe ziyinxenye yalelo gatsha elaphrofethwa. Inkosi uJesu yathi kubafundi bayo " Amagatsha angatheli izithello ayoshiswa ngomllo" , ngakho umntwana uyileli gatsha elithela izithelo nokwenza izitha nezimbangi zimbuke zimlabalabele , zimumonizele.

Kwemukeleni ukuthi uMnandingamondi waphiwa emazulwini konke akwenzayo ngeke nikwazi ukumphuca kona. Bekezelani nje niyekele okaMathole enze alethelwa kona kulo mhlaba, endlunkulu ,nasesizweni sikaZulu. Angikhuze nalabo baholi bepolitiki abakhuluma abakuthandayo ngaye, soze baduma ngalokho. Yazini kwehluleka abadala kunabo.

Impela make sizifundise ukuhlonipha. Indlunkulu ayibuyele ezimfundisweni zabantwana abadala kokungabuki uMntwana ngeso lepolitiki kodwa bambuke njengomntwana ozalwa endlunkulu, undunankulu kaZulu nomeluleki wendlunkulu nesizwe sonke.

Sihole Shenge, sihole Ndunankulu kaZulu. Sisakubona wenza kahle. Usenza okwakwenziwa ondunankulu abakwandulele okungoSifalane Sibiya, Inkosi uMathole(okuzalayo), uMankulumane Ndwandwe, inkosi UMnyamana (ukhokho wakho), Yasho imbongi yathi "Zonke izizwe zobuya ngawe Shenge''. Nami ngithi ongakuthandi uyoze akuthande. Asibuyele emasikweni Zulu. Sibuyele kwinhlonipho isizwe ebesaziwa ngayo.

Senzo Maswidi kaKhakhayi Mbatha.

KwaSanguye.