MHLELI: Sikhathele abantu abagxibha ibandla lamaNazaretha eBuhleni.
Balokhu bezibiza ngabakhathazekile bengazivezi ukuthi bangobani. Mina nje anginandaba, engikukhulumayo angesabi ngakho noma lingavela igama lami, akunankinga.
Nangu umlobi olobe kuleli phephandaba ngoFebhuwari 3.
Lo mlobi ukhwela uyadilika kumfo kaShozi nasenkosini uNyazi.
Uyazi thina asinandaba nokwenzeka ezinkonzweni zabo nokuthi bashumayela bathini asinandaba kodwa bona hhayi abeve bethanda ukufaka amakhala abo ezindabeni zaseBuhleni.
Ngoba bayathanda eBuhleni ababuyi ngani bazozwa kahle lezi zintshumayelo abahlale bebhala ngazo.
Sikhathele manje, abantu abakhonze uNkulunkulu wabo bahlukane noNyazi.
Thina ikhona into esiyibonayo enkosini uNyazi, siyaphila, angazi kanti bona kweyabo inkosi ababoni lutho yini.
Ngabe ngike ngijabule kabi ukube bake babhale ephephandabeni batuse imisebenzi emihle yenkosi yabo, mhlawumbe nohlangothi lwabo ngabe luyakhula.
Manje balibele ukukhuluma ngoNyazi, ibandla liyakhula ngasoNyazini ababoni bayaludumisa.
Siyabonga nje enkosini yamaQadi eyavula amehlo ibandla selintshontshwa.
Namanje siyasho asesabi sizowuvikela umuzi waseBuhleni, akekho ozokhipha uNyazi eBuhleni.
UNyazi luyithi uqobo. Hambani niyocela indawo nani emaqadini nakhe khona umuzi wenu ngoba lo waseBuhleni owomkhulu woNyazi, yonke into ethinta eBuhleni eyoNyazi manje.
Sengiphetha, bafowethu noma ubani akagovuze imbiza yakhe ayeke ukulula intamo aqalaze eyomunye.
Smiso Msomi
eNDWEDWE