UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, uphawule ngokuthi uhamba ngonyawo lonwabu umkhankaso kahulumeni wokudedela abasebenzi asebeneminyaka engaphezu kuka-55 ngesikhathi ethula isabelomali samaphakathi nonyaka ngo-Okthoba. Akusimangazanga lokho thina esikulo mkhakha wokutshalwa kwemali nokuhlaziya ezomnotho ngoba lolu hlelo salubuka sangakholwa ukuthi lungethulwa luphothulwe esikhathini esifushane kangaka. Kuningi okwakudingeka kwenzeke ngaphambi kokuba luqale.
Okukhulu ukufundiswa kwamalungu esikhwama sempesheni kahulumeni iGEPF ngenqubomgomo yokuthatha impesheni ngaphambi kwesikhathi.
Umbuzo esiwubuzwe abasebenzi bakahulumeni emasontweni edlule ngothi: “Uma senginikezwe imvume yokuthatha umhlalaphansi ongenanhlawulo, ngivumelekile yini ukuthatha isamba sami ngiyozitshalela sona?”
Lo mbuzo ukuveze obala ukuthi abafundisiwe kahle abantu. Kuzokhumbuleka ezifundweni esizethule ezingosini ezedlule ukuthi umuntu osebenza kuhulumeni unezindlela ezintathu zokonga imali yakhe uma eyeka ukusebenza.
Ungathatha imadlana ethile ushiye ingxenye kwiGEPF ezoqhubeka ikuholele inyanga nenyanga uze ufe.
Ungayithatha futhi imali uyifake enkampanini ezimele esiza abafisa ukonga imali yabo ngaphandle kwesamba sikahulumeni sempesheni.
Ungayithatha yonke imali yakho uyifake ebhange bese uzilawula wena ekuyisebenziseni.
Siye sabhala futhi nangobubi nobuhle bazo zonke lezi zindlela esizibalile.
Okunye kwalokho yinhlawulo nezinsiza zokushiya imali kwiGEPF umuntu bese ehola ngenyanga. Lapho sincome kakhulu uhulumeni ngesamba abhekela ngaso abamsebenzela baze badlule emhlabeni. Kodwa okungekuhle wukuthi uma umuntu eshona eganiwe noma eganile, imali eholwa umyeni noma unkosikazi iyancipha ngesibalo esingu-50%.
Angikuqinisekise ukuthi le mali akuyona imali eholwa ngoba kucatshangelwa izingane kodwa iqondene nabashadile.
Sabuye saxoxa ngokuthi uma kwenzeka ngebhadi beshona kanyekanye abaganene, kulandelwa imigomo kahulumeni yomhlalaphansi.
Ayikho imali yenyanga nenyanga eya emndenini uma beshone beneminyaka engaphezu kuka-55 futhi kungukuthi sebeneminyaka emihlanu bayeka emsebenzini.
Lesi simo senza baphithane amakhanda abaningi. Yisona esibavusele umbuzo othi uma nginikezwe imvume yokuthatha umhlalaphansi ongenanhlawulo ngingasihoxisa yini isinqumo sami sokwamukela lesi sinxephezelo?
Siye saxhumana nabakwaGEPF abasichazele ukuthi uma ukhethe i-early retirement usuke usushade nohulumeni impilo yakho yonke. Lokho besikwazi nathi. Uma ufisa ukuhlukana nohulumeni ungathatha isamba sakho usiyise enkampanini efana neNkunzi Wealth Group noma kwabanye abazimele, noma uyifake ebhange.
Manje umbuzo wokuhoxisa isinqumo sokuguqula uhlelo lokuhamba kwakho uphenduleke kanjani? Kuthiwa uma ufisa ukubuyekeza isinqumo sakho ungaxhumana nomnyango wakwandabazabantu ufake isicelo sokumiswa kohlelo “olukushadisa nohulumeni”. Uma isicelo sakho singakafiki kwaGEPF ePitoli, kungenzeka bamise inqubo yalo mshado bese ufaka incwadi kabusha yokwesula.
Kubalulekile ukuthola ulwazi olunzulu ngoba kuningi ukuphambana kwemibono ngisho nakhona kwaGEPF. Sikhuthaza abanemibuzo ukuba basithinte noma bathinte abakwaGEPF ukuze bachazeleke kahle.
* U-Owen Nkomo ungumqondisi nomsunguli we-Inkunzi Wealth Group. Utholakala ku-011 047 6500 noma kwi-email ku [email protected] Website www.iwgsa.co.za