MHLELI: Kungani abashayeli bamatekisi bengazibaleli imali.
Ngithi angibeke nawu umbono wami. Ayijabulisi indlela okuphathwa ngayo abagibeli bamatekisi ikakhulukazi kulamarenki aseGoli.
Uma ufice itekisi isigcwele ube sewuphoqeleka ukuthi uhlale phambili bese abashayeli bekuphoqa ukuthi ubale imali kube sengathi wumsebenzi wakho. Abanye baze bakubuze ukuthi uhlaleleni phambili ungakwazi ukubala imali.
Ngelinye ilanga yajika imoto yabuyela erenki ngenxa yokuthi umgibeli wayengakwazi ukubala. Kungumsebenzi kabani ukubala imali etekisini? Abantu abanalo mkhuba kakhulu yilaba esibuya nabo KwaZulu-Natal ngoba bethembe ukuthi bazoshaya abantu. Ake sikhuze lo mkhuba noma kumele itekisi netekisi ngaphambi kokuthi isuke imenenja yerenki ithathe imali, ayibale, ayinike umshayeli.
Simphiwe Shandu
East Rand