Imibono

Weqa ejele umalugaju abese edlala umacashelana nentatheli

Mpume Nzimande|Published

INCWADI: The reed dance stalker

UMBHALI: Angela Makholwa

ABASHICILELI: Pan Macmillan South Africa

UMHLAZIYI: Mpume Nzimande

UBUYE ngezinkani u-Angela Makholwa ngenoveli ecikoza ngokuthunjwa nokubulawa kwamantombazane abahamba umkhosi womhlanga eSwatini.

Le noveli uyibhale ngemva kweminyaka ewu-16, aloba ethi iRed Ink. -U-Angela uqhubeka lapho ayegcine khona ngesikhathi kweqa umbulali uNapoleon Dingiswayo ejele.

Omunye wabalingiswa abaphambili oyintatheli uLucy Khambule, uyathuka uma ezwa imibiko emayelana nokweqa kombulali kepha uthobeka inhliziyo uma ezwa ukuthi uzibulele. Okumthusa kakhulu wukuthi nguye owabhala incwadi ngezenzo zobugebengu bezelamani zakwaDingiswayo. ULucy uzibona engavikelekile abese exoxa nomseshi wecala elagojela izigebengu, zavalelwa ejele.

Ngokuhamba kwesikhathi ushaya amakhala uLucy, uma kunabantu abazenza abangani bakhe ezinkundleni zokuxhumana kepha abangafuni ukuzidalula ukuthi bangobani. Kugcina kungaqondakali ukuthi ngubani osaqhubeka nokubulala amantombazane ahamba umkhosi womhlanga?

Kushuba isimo uma uLucy esepequlula yonke imininingwane anayo ngoDingiswayo, ngenhloso yokuthola kahle ukuthi ngubani umalugaju omusha? Ngabe uDingiswayo wazibulala ngempela noma usaphila?

Kusobala ukuthi u-Angela waqala eyintatheli ngoba ukubhala kwakhe kunemphambakwici eyenza ukuthi ungafuni ukuyibeka phansi incwadi.

Okuningi ukubhale ngezigameko azaziyo kepha wakhipha amagwevu ngekhono lokuphenyisisa udaba kuze kube sekugcineni.

Kumanje uphezu kwezinhlelo zokukhiqiza umdlalo wethelevishini ozogxila enovelini yakhe ethi Red Ink.

Zitholele ezinye izincwadi kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za/