MHLELI: Layenza-ke indaba iJaji uMogoeng Mogoeng elithe akukho emthethweni ukushaywa kwezingane ngabazali bazo.
Lo mthetho baqale bawushaya ezikoleni. Nomengameli uze uyagcizelela impela. Iyangixaka le nto ngoba ngisho ufunda ujula incwadi engcwele Izaga zithi umuntu ongayishayi ingane uyayizonda. Lafa elihle kakhulu sibhekile. Njengoba izingane zingasahloniphi kangaka zidelela yingoba azisashaywa. Azimazi umuntu ngoba uhulumeni usezinike amalungelo.
Uke uzwe kukhulunywa ngamalungelo ezingane nabantu besifazane aphi awendoda? Walibulala izwe uhulumeni. Uvumela izingane zidelele zigibele emakhanda kubantu abadala.
Kumele sikhuleke sinxuse uNkulunkulu angene ezinhliziyweni zabo bangashayi imithetho ephambene noNkulunkulu. Imizi yethu sekuzokuba eyakhe uhulumeni ayishayele imithetho. Angazi ngoba ngisho inkosi yesizwe ayikwenzi lokho, ukuthi lo hulumeni ukuthathaphi ufuna ukusakhela amaphara.
Akunamthetho eNingizimu Afrika yasho inkosi uShaka yathi nibulala mina nje ngeke nilibuse. Namanje alibuseki liyabahlula bonke abathi baliphethe.
Senzo Nala
ekranskop