MHLELI: UMnuz Nhlanhla Mtaka ongumhlaziyi wezepolitiki ngomunye wabahlaziyi bepolitiki engibahloniphayo. Uvamise ukuhlaziya ngokungachemi kodwa ngoMsombuluko ngomhla ka-16 Septhemba ngamuzwa ekhuluma emsakazweni Ukhozi FM ngoMnuz Robert Mugabe neZimbabwe ngamuzwa enhlanhlatha nje.
UMtaka wayekhuluma ngeZimbabwe kwazise isanda kuhanjelwa ngusondonzima wakhona kwezobuholi. Wamane wanhlanhlatha wangafuna ukukhuluma iqiniso njengomhlaziyi.
Okunalokho wakhetha ukudukisa abantu ngobuholi bukaMugabe ethi akufanele kukhulunywe kabi ngaye kube sengathi akukho okuhle akwenzele abaseZim. NgokukaMtaka akufanele sikhulume kabi ngobuholi bukaMugabe ngoba nathi siyadunguzela, sinjengomuntu ogula nabantu abadle uphoyizeni engawudlanga yena.
Wathi iZimbabwe iyasidlula ngemfundo. Ngiyavumelana naye kulokho kodwa akusho ukuthi sekufanele sizisole ngokugxeka ubuholi kukaMugabe. Wathi noma umnotho waseZimbabwe ungemuhle kodwa awukaze ube sesimeni esifana nesaseGreece. Ubuzobheda kanjani umnotho waseZimbabwe mfo kaMtaka ngoba abantu bakhona babaleka bexoshwa yindlala kwangasala muntu owayezoba senkingeni. Iphutha engisola ukuthi uyalenza uMtaka ukuthi uma ecwaninga ngeZimbabwe akalwenzi ucwaningo lwakhe emazingeni aphansi ngokwempilo. UMtaka kunezinto engisola sengathi ubuye ahluleke ukuzikhuluma njengomhlaziyi ubuye azikhulume ngokomuzwa wakhe. Iqiniso lithi uMugabe ushiye abantu baseZim bewumthwalo wamazwe ase-Afrika. Imfundo abanayo ayibasizi ngalutho ngoba abanamali yokuthuthukisa izwe. Uyavuma noMtaka ukuthi abantu bafundile kodwa bafika eNingizimu Afrika benze noma yini ukuze baphile.
Uma uhamba ezitaladini zasePitoli ezindaweni zomntakabani ukhangwa izinto zobuciko ezenziwa abantu baseZim. Uma ubabuza ukuthi kungani bebaleka ezweni labo ekubeni benamakhono amahle kanje impendulo yabo ivamise ukuthi ithi izwe labo alifani neNingizimu Afrika. Ngokwabantu baseZim noma iNingizimu Afrika inenkinga yomnotho kodwa ingcono kakhulu kunezwe labo. Nathi sithwele kanzima nje kwezinye izinto ngenxa yokuthi kufanele sizinakekele thina siphinde sinakekele abakwamanye amazwe. Ngamanye amazwi akusisizi thina njengabantu baseNingizimu Afrika ukuba nemfundo engcono kwabantu baseZim uma sisabanga nabo ukuqashwa emizini yezigwili zakoSilverton, RiverSide nakoMhlanga.
Eminyakeni edlule, phakathi kuka-2000 no-2006, iNingizimu Afrika ibihambisela abantu baseZimbabwe amathani ngamathani okudla. Kuyishwa ukuthi uMtaka njengomhlaziyi wezepolitiki akanalwazi lokuthi iZanu PF kaMugabe ayikaze iluwine ukhetho ngokukhululekile kusukela emuva kuka-1999. Uma uxoxa nabantu baseZimbabwe bathi iZanu PF ukhetho ibiluwina ngaphandle kokuvotelwa. Kunezinkulungwane zabantu ababulawa ngesihluku eZimbabwe befa ezandleni zobuholi bukaMugabe.
Kuyimanje nje umndeni kaMugabe uthi ufuna isinxephezelo eqenjini iZanu PF ngendlela uMugabe akhishwa ngayo esikhundleni. Kuyethusa ukuzwa ukuthi noma uMugabe engasekho umndeni wakhe ukhombisa ukungabi nandaba nabantu bakhona kunalokho uzibhekela wona siqu. Ngokwabantu baseZimbabwe, izwe labo liyolunga mhlazane kwathiwa kuyaphela ngeqembu elibusayo njengamanje.
Eugene Biyela