Uma kukhona onolwazi lokuthi lidayiswa kuphi ithuluzi lokuhlola izinga lotshwala egazini(Breathalyser) ngiyocela angiyalele ngokushesha ngoba kunesimo esidinga ukulungiswa. Ukuthi angilona iphoyisa akusho ukuthi kunomthetho ongivimbelayo ekutheni ngihlome ngeBreathalyser ezokwazi ukungicacisela ukuthi umshayeli ucwile kangakanani otshwaleni. MaSolezwe, sengikhathele ukubhedelwa ngabantu emgwaqweni ngoba bazi ukuthi akulula ukubona ukuthi beqiwe wuphuzo oludakayo.
Ngokomthetho kufanele ngabe sonke sinawo amaBreathalyser ukuze singahlawumbiseli uma sibona umuntu ephula imithetho yomgwaqo. Okusempeleni kufanele ngabe nabagibeli bamatekisi bahlala behlome ngalesi sikalazinga lokudakwa ukuze bakwazi ukuhlola umshayeli oshayela ibhedabheda.
Bakwethu sekucacile ukuthi izingozi zomgwaqo azisoze zaphela uma umphakathi ungasukumi uqikelele ukuhlonishwa komthetho. Umbuzo uthi kuyoze kube yinini sikhala ngokuthi sibulawa yizidakwa emgwaqweni? Ngiyazi kunabantu abazothi uVolos uyabheda uma ethi kumele kuvuswe izinkantolo zasehlathini ukuze zilwe nenkinga yezidakwa ezidala izingozi emgwaqweni. Umphakathi kufanele uzihlele ngokwezindawo ohlala kuzona, uma kusezindaweni zamakhosi kuyofanele kusungulwe izigungu ezisebenzisana nezinduna, uma kusedolobheni kuyofanele kusungulwe amakomiti asebenzisana namakhansela.
Uma kunomshayeli otholakala eshayela edakiwe kuyofanele ahudulelwe esigcawini, afuthiswe ukuze kutholakale izinga lotshwala egazini lakhe. Uma kuvela ubufakazi obukhomba utshwala kuyobe sekusho ukuthi kufanele ahlawuliswe ngemivimbo. Uma utholakala udakiwe ulayishe izingane zesikole, kuyofanele unenebulwe imivimbo engu-50 ezinqeni. Uma ungumshayeli wetekisi kuyofanele unikezwe isigwebo esifanayo nesomshayeli olayisha izingane zesikole ngoba nilayisha abantu abaningi ngesikhathi esisodwa.
Indaba yokufuthiswa akufanele igcine kubashayeli kuphela kodwa nabahamba ngezinyawo kuyofanele bafuthiswe. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi nabahamba ngezinyawo bayathanda ukuhamba emigwaqweni bedakiwe. Uma kunomuntu ohamba eqhuba imbuzi emgwaqweni kuyofanele abanjwe afuthiswe ukuze kutholakale izinga lotshwala egazini lakhe. Uma butholakala kuyofanele anikezwe imivimbo eyishumi ezinqeni ukuze ahlale ekhumbula ukuthi umgwaqo awuyona indawo yezidakwa.
Ngokwami kufanele kufuthiswe nabantu abagibela amabhayisikili ngoba abanye babo bashova amabhayisikili izinyawo zibheke eceleni ongathi badakiwe. Umkhankaso wokufuthisa kufanele ungabandlululi ngisho umama obelethe ingane kufanele afuthiswe uma ehamba emgwaqweni. Ingane ebelethiwe nayo ingumgibeli okufanele ivikelwe ekutheni ibelethwe wumuntu oweqiwe yizidakamizwa. MaSolezwe ngicela umuntu nomuntu azithengele iBreathalyser yakhe ukuze akwazi ukuzihlolela umuntu omphazamisa emgwaqweni. Siyacela uhulumeni asakhele amaBreathalyser ensangu, azokwazi nokusivezela nezinga lewunga esegazini.