MHLELI: Owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, akathathe umshini wakhe aye kwiKhomishini ephenya ukuLawulwa koMbuso yiDlanzana, akhombise ukuba yiqhawe. Kuwubuvaka obuphindiwe ukuthi usengacasha ngegatsha lesihlahla njengenkawu.
Angithi kwakumnandi ethatha eba umengameli ethi kuzokonakala kuzokonakala. Kumele ayophendula kuphela ukuthi kwenzekani esaphethe. Ngoba kuningi abalwa kuko ngeke kube wukuthi abantu abaningi kangaka bonke banamanga. Uma enesibindi akathathe umshini aye kwiKhomishini le nto ayenzayo ayifani naye. Angikholwa wukuthi noMandela lapho ekhona uyofike ahlale naye uyobuya azoxolisa eNIngizimu Afrika mhlawumbe lapho uyobe esezohlupha izingane zakhe nabazukulu. Akusizi ukuthi silokhu sihlohlana sicasha ngokuthi amabhunu enza ukuthi uma kwenziwa yithina kuyakhulunywa. Amabhunu ayidla imali kodwa ashiya umnotho uqinile. La idliwe imali umnotho uyaxenga. Uma kungathatha iqembu eliyimfundamakhwela ekuphathweni kwezwe kungonakala kakhulu. Bese beyaqala beyaligxeka bakhohlwe wukuthi izinkinga zimayelana nabo uqobo. Awubheke nje indaba yokuyophuzwa kwetiye eNkandla ukuthi inobuwula obungakanani. Zithule ezinye izinhlanga ziyasibuka sidlala ngezwe. Uma nje amaBhunu engaba ne-braai athi umhlaba ngeke niwuthole ngoba anazi lutho nilwela izinto ezingenamsebenzi niyoqala nibange umsindo kodwa kade niphuza itiye. OkweMKMVA ke kona wukuthi ifuna ukubukwa nje. Iyakhohlwa wukuthi kade kwadlulwa esikhathini sezimpi.into abayenzayo ayivumelekile ezweni elikhululekile futhi ngeke isenzele lutho ngoba kufanele ngabe silwa netsha egcwele emigwaqweni yezwe edla izidakamizwa kodwa siyadlala nje. Angazi amaqembu aphikisayo ayivuma kanjani into ezoba inkinga kuwona esikhathini esizayo ngaleMKMVA. La masosha ayelwa nobandlululo angazi ukuthi asagcinelwani emva kweminyaka engu-25 kudela owaziyo. Kodwa labaholi abaphethe le lizwe bayobuya bezoxolisa esizweni ngokubulala ilizwe labo lilihle kangaka. Abelungu asingabagxeki yize bafika nobandlululo ngoba ukuba abafikanga ngabe asinalutho. Ngabe asinazo izisu ezinkulu namehlo amancane asevalwe ubuso obuvuvukele. Ngabe asigibeli zimoto ezinkulu. Inkinga enkulu wukuthi asazi lutho ngaphandle kokumosha okwakukuhle esashiyelwa kona. Kodwa ngosuku lokufa baningi abayobe sebefuna ukukhuluma amaqiniso lingasekho ithuba. Umuntu akakhulume amaqiniso manje ahambe ngokuthula. Inkinga ngomuntu wukuthi uyakhohlwa wukuthi uzofa ngelinye ilanga.
Isakhamuzi saseNingizimu Afrika
EMGUNGUNDLOVU