MHLELI: Siyacela kwiSABC1, singakhokhi bamalayisensi, ukuthi bashintshe ukwenza.
Umdlalo Uzalo awunasifundo qobo. Uma ngingaphosisi, wagcina kusenoGxabhashe ukuba mnandi lapho wawusifundisa ngokuthi izimoto ziyathatheka ngaphandle kwezikhiye yize wena kade uzikhiyile wacupha ne-alamu njengoba uMastermind noMxolisi babekwazi ukuzithatha.
Kusukela kwafika uNkunzi Mhlongo, wavele washisa abantu ngophethroli konakala yonke into. Umuntu obeze enze kube ngcono nguSbu onamahlaya, sikwazi nokuhleka.
Manje kwanaye uyazihluphekela, akaphakami empilweni yonke le mnyaka, umile nje akayi phambili. Ilahlisa ithemba impilo ngendawo edlalwa uSbu ngoba akathuthuki. Uyazi ngathi Uzalo lubhalwa umafundane nje osafika endimeni kaqedisizungu. Uyaxova nje uyaxova, uSbonelo waboshelwa ukubulala noMcebo gwiqiqi, usephenywa uyashaywa ngamaqhinga kaMaNgcobo. Kwamanje amaphoyisa ayazi uMaNgcobo uhlela ukwenzani nezigebengu zakhe kodwa amaphoyisa akhona awanakho ubuchule bokuphenya icala. Kwala noma umuntu engingiza okanye eshalaza wona awababoni. Kwayona indawo edlalwa uMageba angiyiboni nje ukuthi ibaluleke ngani ngoba imile nje. Kunalokho ubizwa njengenkosi yamaZulu, Zuleliphezulu. Kwayena uThulani babembuyiselani uma ezonyamalala futhi? Konke lokho kusitshela ngokusobala ukuthi Uzalo lushoda ngombhali.
Lunenhlanhla yokungavalwa njengoba kwenzeke kwiSibaya. Ukube bekuya ngami ngabe kuvalwa Uzalo ebese kungena Isibaya esikhaleni salo.
Ungangitshela nje ukuthi kungani MaMlambo noZekhethelo bevezwa njalo kanje bebe bengenzi nanto etheni? Bona-ke oGC noThobile, bahlekani kangaka? Kancane bayahleka.
Cha, ngokubona kwami, ngilubona luyindavundavu nje Uzalo, sasimnandi kabi Isibaya, wawungasuki eduze kwethelevishini uma kudlala sona.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
KWESAKWAMTHETHWA