NGITHI ake ngisike kwelijikayo ngokuziphatha kukaSiyacela Dlamuka wohlelo, Isencane Lengane, eziqeshini ezimbalwa ezedlule, ikakhulukazi lesi esigcine ngaso.
Ngabe ngihubhuza aluhlaza uma ngingathi ngiyaqala ukubona ingane idelela umzali ngendlela uSiyacela akhuluma ngayo noyise. Iqiniso ukuthi kunabazali ababhekene nobunzima la ngaphandle, uDlomuka ungumunye wabo. Ngeshwa indodana yakhe, engenayo inhlonipho, isiqalile ukuziveza iminyaka yayo nobunjalo bayo emshadweni wayo noThando.
Ungadidiswa ukondleka komzimba wakhe, uSiyacela uneminyaka engu-18. Esikubonayo eziqeshini zakamuva ukuthi usacabangisa okomfana, hhayi okwensizwa esishadelwe, okwenza uzibuze ukuthi wayehloseni ethatha ingane yabantu ethi ayibe umfazi besafunda uma ezojike aziphathe ngale ndlela.
Indlela akhulume ngayo noThando ingenze ngazibuza ukuthi kazi abasekhweni likaSiyacela bathini uma eluhlaza kanje. Ngisho noyise usemsola ngokuba yibhoklolo. Ezababili azingenwa kodwa sekwenziwe uhlelo olubukwa yinqwaba kuthelevishini. Uhlelo luhle ngokusivezela ukuthi othandweni akuhlale kudliwa oncamnce kumnandi, kuyaxatshanwa kubangwe nezinto ezincane, inhlonipho kodwa ibalulekile.
Kulabo abazitshela ukuthi ilungile indlela uSiyacela akhuluma ngayo noyise, ukungamhloniphi umzali ngeke kukufikise ndawo.
Ngiyethemba eziqeshini ezilandelayo uzoke aqondiswe ubugwegwe, akhulume kangcono nakunkosikazi wakhe okumele ngabe uyafunda kuye.