MHLELI: Kungithokozisile ukuzwa usomlando umNtwana Mandla Zulu kaMthonga kaMpande ekhuluma iqiniso elingakhulunywa. Uma likhulunywa kuthiwa halamuzi. Wabe ekhuluma ohlelweni lomsakazo Izwi Labantu lwesinye seziteshi zesiZulu.
UMageba wakubalula ukuthi ngaphambi kokuba iLembe libumbe isizwe samaZulu, lisethe ngokho walo uZulu, ayekhona amanye amakhosi ayeseqophelweni eliphezulu futhi kunezizwana ezazikhonza ngaphansi kwawo. Ngaleso sikhathi kwakusathiwa yizizwe nezizwana zabeNguni Ambalwa nje alawo makhosi yiNkosi Phungashe Buthelezi, Nkosi Macingwane Mchunu, Nkosi Zwide Ndwandwe, Nkosi Bhungane 11 Hadebe, Phakathwayo Qwabe yaseMthandeni esasiganiselene kaningi nabo.
Bese kuzoba yiNkosi Dingiswayo Mthethwa, iningi lala makhosi ayeyihlonipha kakhulu nakuba eyenemibuso yawo emikhulu ezimeleyo. Ayenemikhuba, amahubo nendlela yokusina kwawo. Amanye awo anqotshwa yiLembe lawafaka ngaphansi kombuso walo. Futhi aliwavimbanga ukuthi nxa esezizweni zawo awoqhubeka nokwenza ngendlela yawo, kodwa nxa kunomkhosi wesizwe samaZulu akwenziwe into eyodwa.
NeSilo esisanda kukhothama sakugcizelela lokho mhla siyogcoba iNkosi K Mkhize yaseSimahleni engasekho. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi isizwe nesizwe siwazi amahubo, izigekle, imiphendu nakho konke okwaso ngaphambi kokuthi sazi amahubo esizwe samaZulu esibumbeneyo. Njengokuthi kubalulekile ukuba wazi umlando wesizwe senkosi oyakheleyo ngaphambi kokuba wazi umlando wezizwe ezakhe umbuso kaZulu.
Philani N Mthethwa
EMPANGENI.