MHLELI: Kwelakho elifundwa izindimbane neliphuma zonke izinsuku. Ngivumele ngincome imisebenzi yomsakazi osemnkatshubomvu kwezokusakaza ikakhulukazi kwezezindaba u-Alex Mthiyane ohola uhlelo lwezindaba Igagasi Indaba ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngabo 6 kuya ku 8. Empeleni ulushaya ngokukhulu ukubambisana okuhle noMfundo “Bhakhaniya" Mabaso onguphrojusa wohlelo, owathi efika nje kulo mkhakha wavele wahlabana ngezindondo . Lokho kukodwa kukhombisa ukukhula nokuvuthwa kohlelo Igagasi Indaba.
Empeleni uMthiyane useyinxusa leGagasi FM futhi uselizwa ngaphakathi naye. Uyaye umuzwe nje ukuthi usezinikela ngokweqile ophikweni lwezindaba ngokubumba inqanawe yabafundi bezindaba abasezingeni eliphezulu.
Ngike ngimuzwe nje noma engena emoyeni ukuthi uhlelekile, ngikhumbula ngibavakashele enxanxatheleni yezitolo, engakuthola ukuthi umsakazo wabo unobukhazikhazi futhi usukhombise ukuba sezingeni eliphezulu , nokuthi ususilethela ulozolo lwezindaba nomculo. Kodwa Mina ngigxile kwezezindaba Igagasi Indaba okuwuhlelo olungangiphuthi neze ngoba lusinika izindlela zokusizakala kubaholi bethu siyizakhamuzi zakule lizwe.
Okungenze ngaloba ngalolu hlelo ukuthi izithunywa eziyaye zivakashe kulolu hlelo azikaze zilenze iphutha lokungabasizi abantu ngasese kanti no-Alex Mthiyane ankancethezi uma ebabuza imibuzo ezosenza sisizakale. Okwangichaza kakhulu ukumuzwa esethi komunye umholi asethembe uzobuya nezimpendulo futhi siyothola isikhathi esanele nabalaleli balolu hlelo. Lokhu kuchaza ukuthi ubeka umlaleli njengomnikazi wohlelo. Abandile nhlobo abasakazi abasabeka abalaleli phambili, lokhu kukhomba ukuthi uMthiyane ugabe ngesipiliyoni esidingekayo futhi kuningi okumele kufundwe abanye abasakazi kuye. Kodwa umsakazi ozosondela kuMthiyane lukhulu azolufunda ngoba unothile emqondweni wakhe futhi ngeke uzisole ngokusondela kuye.
Kumele sibancome besaphila abasakazi abenza okuhle. Muhle impela umsebenzi ka-Alex Mthiyane ebambisene noMfundo Mabaso kwiGagasi Indaba.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU