MHLELI: Yebo ngiyavuma! Kunabasathwele kanzima njengoba izwe likuthaqa, njengamaciko akithi adonsa kanzima, kanjalo namanye amabhizinisi angakavuleleki. Kodwa ngokubona kwami, uhulumeni ugagamelile ngokusibuyisela esigabeni sokuqala, ekubeni esitshela ngesivuvu sesithathu segciwane iCorona.
Nangokudlule, kwathi kwehla isibalo sabahaqekayo wase esiyisa kuso belu isigaba sokuqala, savuka sesibizwa ngezwe eselinegciwane lalo, kwathiwa selizishintshile. Yena futhi uhulumeni useyaphinda, usibuyisela esigabeni sokuqala. Engikubonayo, sizophinda sishaywe yitshe elilodwa kabili njengalokhu kwasenza singena kwisivuvu sesibili segciwane, ngibona kuzosiphinda singene esivuvwini sesithathu segciwane.
Bese kufanele siqinisele okokugcina, besekuse duze phambili. Manje igciwane lisengagadla ngamandla njengoba kuzongena ubusika, bese kuthiwa asibuyele esigabeni sesihlanu. Lapho impilo izoba nzima kakhulu. Uma ngibheka, okungenani ukube uhulumeni uhlangane nezinhlaka ezithintekayo ngaphansi kokusebenza kwezwe kwesigaba sesithathu, azitshele zisebenze ngokujwayelekile, njengazo ezotshwala nezinye ebezisebenza kanzima esigabeni sesithathu. Thina asiyeke, siqhubeke nokuzitshela ukuthi kusengesesithathu isigaba, ngoba uma ubheka sivele sidedele igazi esigabeni sokuqala, sizitshela igciwane liphelile. Lokhu kwenza siphinde sihaqeke mawala.
Uhulumeni wethu ubuye atatazele njalo uma sesithi siyanqoba, avele asibuyisele emuva.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
kwesaKwaMthethwa