NAKUBA kukhalwa nkalo zonke ngeCovid-19, kodwa kukhulu lolu bhubhane olusikhumbuza kona ngezimiso eziyizimpande zempilo futhi isisakhele ithuba lokubona amaphutha esiwenzile eminyakeni edlule ngokunjalo nokuzihlela kabusha ekulungiseleleni izinselelo zesikhathi esizayo.
Nathi lapha eNingizimu Afrika kukhulu okufanele ngabe sesikufundile ngempumelelo namaphutha esiwenzile njengesizwe, ikakhulukazi ngesikhathi sikahulumeni wentando yabantu.
Ibuye yasivula amehlo ukuze singaboni nje ububi bodwa kuhulumeni wobandlululo nengcindezelo kodwa sibone nokuhle amabhunu ayekwenza emikhankasweni yawo yokuthuthukisa izwe nokwenza ngcono impilo ybamhlophe.
Phakathi kwezinto esizifundile kulesi sikhathi sobhubhane wukuthi utshwala bungumbulalazwe futhi uma singabubheki ngeso lokhozi ikusasa lezwe lilengelwa yizembe.
Ngesikhathi uMengameli Cyril Ramaphosa ethula uhlelo lukathaqa lokulwa neCovid-19 wamemezela ukumiswa kokuthengiswa kotshwala nokwalandelwa ukuvungama ezweni lonke.
Sekungumlando manje ukuthi abaphuzi botshwala bebencamela ukukhokha izizumbulu zemali ukuze bathole noma yini engathiba inxano labo. Kuthe uRamaphosa esememezela ukuvulwa kokuthengiswa kotshwala kwaba nenhlokomo nenjabulo. Akumangazanga ukubona olayini abade ngomhla ka-1 Juni nokuyinto eshiye imibuzo engaphenduleki. Ziyithathephi imali yokuthenga utshwala lezakhamizi ebezikhala ngobunzima bokuhlonipha imithetho kathaqa ngenxa yendlala?Ngabe le lizwe seliphenduke izwe lezidakwa?
Ungakanani umthelela wotshwala ezifweni ezibhuqabhuqa abantu bengabadi, ekundondeni kokukhula komnotho wezwe, ekuhlukunyezweni kwamalungelo ezingane nabesifazane, ezingozini zomgwaqo nasebugebengwini?
Ngabe kukhona ubudedengu ngakuhulumeni ngokunikeza izimvume koqhibukhowe bezindawo ezidayisa utshwala nezilothisa ikusasa lezwe? Isasasa elibonakale kusukela kuqala isigaba sesithathu sikathaqa liqinisa izizathu ezenza lizwe libalwe namazwe asezingeni eliphezulu ngasekuphuzweni kotshwala.
Nezibhedlela sezikuqinisekisile ukuthi selokhu kuqale ukuthengiswa kotshwala zandile iziguli ezilashelwa ukulimala okweyabyaniswa notshwala. Ngokunjalo nezinhlaka zomthetho zibike ngokwanda kwezigameko zokwephulwa komthetho ngenxa yophuzo oludakayo.Iqiniso lithi utshwala abukaze bube yingxenye yesizwe esinombono, esikhuthele, esinokuthula esinempilo nesinempumelelo. Yingakho uhulumeni wamabhunu wawunesandla esiqinile ekuphathweni kotshwala nokwakwenza kube lukhuni satshe ukuthola ezikaFaro.
Kuzokhumbuleka ukuthi abantu abamnyama babeze bafake izicelo zokuba ngamazimtiti ukuze bavumeleke ukuthenga ugologo, ubhiya namawayini.
Ilapho-ke kwaqhamuka khona izibongo zesingisi endlini emnyama engingabala kuzo oSeptember, Oliphant, Kortjas, Williams, Mckenzie, Grootboom nezinye.
Ngesikhathi sombuso wamabhunu abanikazi bamashibhi namajoyinti babeboshwa futhi bejeza kanzima. Amabhodlela sitolo ayesebenza ngaphansi kwemithetho eqinile yingakho ayengavulwa ekuseni, ebusuku nangamaSonto.
Kuyishwa elikhulu ukuthi namuhla utshwala sebutholakala kuzo zonke izimpambana-migwaqo ngisho nasemasangweni ezikole namasonto.
Izinhlaka ezaziwa ngama “Liqour Boards” ezakhiwa ukuze zilawule ukuthengiswa kotshwala ezifundeni zihlulekile ukwenza umsebenzi njengoba izwe seliphenduke isizwe sezidakwa.
Yingakho uhulumeni wentando yabantu obusayo njengamanje kufanele akhe uhlaka oluqinile noluqotho ezingeni likazwelonke oluzoqinisekisa ukuthi ukudayiswa kotshwala buphathiswa okwezikhali zamaNtungwa.
Kufanele simshayele ihlombe uhulumeni kaRamaphosa ngokuba nesibindi sokuvala ukudayiswa kotshwala ngesikhathi sikathaqa ngokunjalo nokuqinisa isandla kulesi sigaba sesithathu.
Manje inselelo kahulumeni elekelelwa yizinhlangano zepolitiki, zamasonto, zamasiko, zomame, zentsha zobukhosi nomphakathi jikelele ukuqinisekisa ukuthi utshwala butholakala ngezikhathi ezikhethekile ngisho nangasemuva kweCovid-19.
Kungasiphephisa isizwe ukuvalwa kokudayiswa kotshwala ekuseni, ebusuku, emigwaqweni, ezitolo zokudla nangeSabatha neSonto.
Namalungu omphakathi kufanele ezibambele mathuba ekulweni nalesi sihlava esibukeka sicekela phansi ukukhula komnotho, intuthuko yezwe, amalungelo esintu nekusasa lentsha. Kuzokhumbuleka ukuthi ngomhla ka 17 Juni 1959, omama abamnyama ababekhathele ukubona amadoda namadodana abo ebhuqwabhuqwa utshwala baqopha umlando.
Bamashela indawo eyayidayisa utshwala eCato Manor baphinde bahlasela abesilisa ababezitika ngophuzo oludakayo.
Iphi imbokodo yanamuhla ezoqhuba umzabalazo wokulwa nobhubhane oluwutshwala?
Mhlawumbe ukungabonakali nokungezwakali kwezwi lembokodo kuqinisekisa isisho sanamuhla esithi “abesifazane sebephuza ukwedlula amadoda”.
Nakuba kunjalo, impi yokulwa notshwala iyophumelela kuphela uma zonke izinhlaka zomphakathi zibumbana futhi zisebenzisana nohulumeni ikakhulukazi izinhlaka zomthetho. Phansi notshwala. Phambili ngesizwe esinomqondo phambili.
* UThabani Khumalo, umhlaziyi wepolitiki ozimele