MHLELI : Sasingazi ukuthi ukuthola inkululeko kwakusho ukungenisa nokudlondlobala kobubha emphakathi waseNingizimu Afrika . Umphakathi osuke usubhukuda ebubheni utshwala buba yinsada kuwona kanjalo nezidakamizwa zibaphendula izibotho esezibangene abangasakwazi ukuphila ngaphandle kwazo.
Okwanamahlanje ngigxile kakhulu otshwaleni , inhlabaluhide yemigqa ebingaphandle kwezindawo ezithengisa amanzi amponjwana ngamaholidi abantu bebengangoZulu eya eMakheni. Intsha umuntu omdala ngisho nabesimame imbala . Lokhu kuyinkinga kithina esihlale sikhathazekile ngokufa kwesizwe okulindeleke ukuthi sibe ngobaba kanjalo nomama bakusasa.
Akugcini lapho ngoba nsuku zonke emaphephandabeni sifunda ngababulalane ezindaweni zokucima ukoma kanjalo nabasuke bethandana abadakwa maqedane kube nengxabano egcina ngokukhipha izidumbu
Okubi kakhulu ngalesi sikhathi wukuthi iningi liphila impilo yobubha, izibhamu ziyinsada , okuxakayo nababulali baboshwa namhlanje uthole esenikwe ibheyili , aphume maqede abulale labo abangase babe ngofakazi ecaleni . Nezigwebo abanikwa zona umphakathi ukhala ngazo nsuku zonke, kwazise nabaseMnyangweni wokuHlunyeleliswa kweziMilo banika abantu ushwele besadonse iminyakana engatheni , mangaki nje amacala ambandakanya abantu abakhishwa bengakaziqedi izigwebo zabo.
Nanti nelinye icala lomfundi wase-Eastern Cape owabulawa ngowayethandana naye wamqoba maqede wamfaka esakeni njengodoti , samangala ijaji limgweba iminyaka engu-25 , umshushisi wawenza owakhe umsebenzi wabiza ofakazi kwafakaza noyise kamufi kodwa konke lokho ijaji lesifazane kwathi kubulewe owesifazane langaba nonembeza ngisho noma uyise kamufi esekhala mi izinyembezi esebhokisini lofakazi.
Okubi kakhulu ukuthi nohulumeni ophethe akasiboni isidingo sokuqinisa umthetho ekukhangisweni kwezimbiza zikaFaro , utshwala bulibulele izwe lethu izingane seziyizibotho nemilutha.
Sipho Robert Mpungose
Eshowe