MHLELI: Cishe sonke siyazi ukuthi amafulegi andizela phansi emsakazweni wethu uKhozi FM ngenxa yokuwa komuthi omkhulu koke waba ngumphathi wesiteshi uWelcome Bhodloza Nzimande odlulile emhlabeni.
Lezi zindaba zizwakale ngesikhathi esibi lapho kuvele khona izindaba zokumiswa kwentandokazi yomsakazi uKhathide “Tshatha” Ngobe nebesilinde ngabomvu ukuthi ohlelweni lwabo benoZimiphi “Zimdollar” Biyela uzohluba udlubu ekhasini ngoNzimande kuSigiyangengoma ngoMgqibelo njengomuntu onomlando ngoBhodloza kepha lokho akubange kusenzeka ngenxa yokumiswa kwakhe ngalesi sikhathi. Kodwa phela noma kuthiwa umisiwe uNgobe besilindele ukuthi mhlawumbe bazomdonsa ocingweni enabe ngakwaziyo ngoBhodloza njengoba angena ezithendeni zakhe ekusakazeni umculo wesintu.
Okuye kwangigqamela ukuthi abaphathi bomsakazo wethu esiwuthandayo uKhozi FM abanayo le nto okuthiwa uxolo. Mina nje siqu sami bengilindele ukuthi sizozwa amaphimbo oLinda “Mr Magic” Sibiya noNgizwe Mchunu bethintwa ngocingo benabe ngabathe bakufunda kubaba uNzimande ngoba kona kukhona ngoba ubefana nombele ogwansile.
Ngisho kungathiwa bahamba emsakazweni bexoshelwe ukweba imishini yokusakaza kodwa phela thina njengabalaleli kulesi sikhathi besithi sizowezwa amaphimbo abo bechaza abakwaziyo ngeMbodlomane. Ngiyafisa nje ukwazi ukuthi mhla kwathiwa uNgizwe noma uLinda abasekho emhlabeni abaphathi boKhozi bayoke balivule yini ithuba lokuthi abantu babhonge emswaneni ngabo noma bayoqala bababize ngamaqhawe ngoba sebelele kobandayo. Sithule nje siyabuka okwenzeka oKhozini, asithule ngoba siyizilima nempilo yabasakazi bethu isengcupheni, umsakazi akasazi nokumele akusho ngoba esaba ukumiswa. Basebenza ngaphansi kwengcindezi abasakazi boKhozi ngenxa yabaphathi babo. Kuyoba nini noma kuzophinde kube nini lapho uKhozi luba nomphathi ozovikela abasakazi?
Ingakho nasezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa noma yini ngabasakazi ngoba kuyaziwa ukuthi banqindwe amandla okuziphendulela ngoba besaba ukumiswa ngoba ngale komsakazi asazi ukuthi kunendoda kepha sazi ukuthi kunomuntu onqindwe amandla ongathi uma ephendula axoshwe noma amiswe.
Mxolisi Manyathi
ENQUTHU