MHLELI: Lo nyaka siwuqala kabi ekubeni nesiphuma kuwo siwuvale kabi ngoba uvuvatha lweCovid-19 luqubuke ngawo. Kubhubhe izihlobo zethu emhlabeni wonke. Uma ngikhuluma ngezihlobo, ngikhuluma ngabasishiyile kumagumbi womane omhlaba.
Kusizumile ngempela uhamba emhlabeni kukaMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson. Ubengeyena owengamele inyunyana yakhe kuphela kodwa nathi siwumphakathi sigqemeke engeqiwa ntwala. Lokhu angikukhulumi njengomuntu osenengane esafunda kodwa njengomkhulu onabazukulu abasafunda. UThompson usikhombisile yena nenyunyana abeyihola, ukuthi ibaluleke kanjani imfundo yengane yomuntu omnyama.
Ubungeke ubone izingane zibuya ezikoleni zithi othisha abafikanga noma zithi zibuyisiwe ngenxa yothisha abebetelekela izidingo zabo.
Ubazi ukuthi abantu ababeka ukudla etafuleni ukuze kulalwe kudliwe, yizo lezi ngane esizithumele ezikoleni. Ngamanye amagama inyunyana yakhe ibisenza siziqhenye singabazali.
Sikhathele ngothisha, abanye babo abadamane bachithe isikhathi engabe basemagumbini okufundisa, balibale imibhikisho ebulala ikusasa lezingane zethu. Okuxakayo ukuthi iningi lalabo thisha abakhonze imbhikisho banezingane ezifunda emadolobheni. Ingani bathi zilanda imfundo engcono okusho ukuthi, kwasabona abazethembi.
Umfo wakwaThompson uhambe esalwe impi yothisha abafundisa uGrade R ezikoleni. Ubelwa nohulumeni obaholela amakinati nakhona lapho ubengalweli abenyunyana yakhe kuphela, kodwa ubelwela wonke umuntu onguthisha. NoNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, uhanjelwe ngomunye wabaholi akade emazi kahle ukuthi noma engaba nabakufunayo beyinyunyana, ngeke nangephutha ezwe kuthiwa bagcine bethatha isinqumo sokuduba amagumbi okufundela beholwa yileli qhawe lakithi.
IsiZulu sithi ’zofa izinsizwa zosala izibonga’. Le ndoda eshiye izicathulo ezinkulu ngendlela engachazeki, futhi esingazi ukuthi kungabe ukhona yini ezizomlingana. Abaholi abakhiwa kodwa bazalwa bephathiswe ubuqotho bokuhola. Siyabonga nomama wakwakhe, esizwe ngokushona komyeni wakhe ukuthi ngumaKhumalo. Indoda ephumelelayo kusuke kunomama eceleni kwayo. Nencwadi eNgcwele ithi ’kungcono ukuhlale ehlane kunokuhlala nonkosikazi oyindlavini’. Uzokugcina Ophezu konke mama nabantwana akushiye nabo njengoba bese bancane. Uma uhamba ungasayiboni kahle indlela, uguqe ngedolo uthandaze njengoba usuzoqala impilo entsha yokubizwa ngokuthi usungumfelokazi.
Izwe lonke likanye nomndeni wakho nezihlobo osendelene nazo lithi ’alwehlanga, lungehlanga’. Yindlela yethu sonke.
Siphon Robert Mpungose
ESHOWE