UKUBUTHANA kwezithunywa zamazwe ahlukene nosomabhizinisi embukisweni, i-Africa’s Travel Indaba obuse-ICC, eThekwini, kuhlwayele imbewu ezoqhakazisa i-Afrika.
Sithemba ukuthi liphumelele iphupho likahulumeni waKwaZulu-Natal, lokudoba izinkumbi zezivakashi ezizotheleka ngomuso kuphendlele osomabhizinisi abamnyama, amadlelo aluhlaza.
I-KZN ibiwudinga lombuthano ngoba ibhekene nenselelo yokuthi isimamise umnotho okhahlamezeke kakhulu ngesikhathi kuhlasela ukhuvethe, olwaholela ekutheni abantu balahlekelwe yimisebenzi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngempelasonto yePhasika, abantu abaningi abakwazanga ukuvakashela esifundazweni ngenkathi kuhlasela isibhengubhengu sikazamcolo, sabulala abantu samosha izingqalasizinda eziwumgogodla ekufukulweni komnotho.
Kanti nezibhelu zangonyaka odlule zakhahlameza umnotho wesifundazwe zathunaza iKZN emazweni omhlaba. Okunye obekubalulekile bekuwukuthumela umyalezo ebantwini abakhele i-Afrika yonkana, wokuthi isifundazwe asibandlululi kodwa sivuleleke kuwo wonke umuntu.
Sikuthakasele nokuzwa ukuthi osomabhizinisi basemalokishini akhele isifundazwe bahlomulile emkhankasweni wokudoba izivakashi zase-Afrika nezomhlaba.
Sibonga ukuzibophezela kukahulumeni waKwaZulu-Natal ezinhlelweni ezizoshintsha izimpilo zomphakathi othwele kanzima ngenxa yokuhlasela kukazamcolo.
Silushayela ihlombe uphiko lwezokuvakasha eKZN, ngomsebenzi omuhle oluwenzayo wokuphakamisa igama lesifundazwe esinomlando onothile.
Okube kuhle ngombuthano osekuneminyaka emibili ungekho, kube wukuqhakambiswa kwamaciko azigqaja ngemikhiqizo yezandla ehambisana namasiko nemvelaphi yabantu base-Afrika. Okunye okuchichimise injabulo kube wukubhunga ngendaba yokundiza ngaphandle kokuthi uyoqala emazweni ase-Europe.
Sikholwa wukuthi uphiko lwamaphoyisa ezobunhloli luzoyisukumela indaba yobugebengu neyokubulawa kwabantu ngezibhamu osekuxhaphake esifundazweni sonke.