UMNUZ Mthokozisi Zungu ofundisa eThembalentsha High, eNewcastle, isithombe: Sithunyelwe
NAMUHLA usuku lokugubha amaqhawe esizwe, abantu abasusa untwentwesi emehlweni omuntu abone ikusasa eliqhakazile.
Namuhla usuku lokugubha umzali wayo yonke imisebenzi ekhona emhlabeni. Ngithi mana njalo thishela nawe thishelakazi ngemisebenzi yenu emihle eniyenzela isizwe.
Noma benichapha ngenhlamba ka-3%, ngithi qhubekani njalo nomsebenzi omuhle eniwenzela isizwe!
Niqhubeke nilususe untwentwesi emehlweni, hleze ngelinye ilanga bayobona ukubaluleka komsebenzi wenu banithathele phezulu ngokwezinga elinifanele.
Nikhumbule ukuthi abazali bathembe nina, umphakathi uthembe nina, isizwe sithembe nina!
Mthokozisi Zungu
Uthisha eThembalentsha High
NAMUHLA kugujwa usuku lothisha emhlabeni wonke jikelele!
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) October 5, 2022
Nawumlayezo ovela komunye uthisha ozinze eSouth Coast. pic.twitter.com/jFCAHzF8DW
Related Topics: