Mhleli: Ngithi angiphawule ngokungiphathe kabi okuthiwa kuyisenzo sikaNgqongqoshe wamaPhoyisa ubaba uBheki Cele (osesithombeni). Kuthiwa uxolisile ngokugasela kwamaphoyisa ebandleni lamaSulumane ehamba ngezinyawo.
Okokuqala inkolo nenkolo iyafana. Ayikho inkolo engcono edlula enye. Kushawe umthetho eMzansi Afrika wokungahlangani kwabantu. Siwabonile amaphoyisa egasela emzini obekushiswa kuwona impepho, angena emsamo thina Ma-Afrika esiwuthatha njengendawo engcwele, achitha utshwala aze achitha nenyama yadliwa yizinja egameni lokuthi kungahlanganwa, asikaze simuzwe ethi vu, uCele.
Sibonile kungena amaphoyisa eZayoni, kwashaqwa abantu baboshwa bese nkonzweni. Kuyaziwa ukuthi kuleliya bandla kungenwa zingafakiwe izicathulo, wathula nalapho okaMagaye wawuhlaba inhlali. Namuhla sekungamaSulumane usehamba uyofongqa isigqoko.
Ngeke ufice umuntu wakwaZulu, omnyama, eshaya indlamu noma enebandla ezweni lamaSulumane, maqede ahluleke nawukugcina imithetho yalawo mazwe.
Le nto oyenzile Ndosi usidayisile siyisizwe esimnyama.
Ulahla igazi lakwenu, ulahla umsamo wakwenu, ulahla amasiko akwenu nezinkonzo zakwenu kodwa uzoxolisa ukhombise ukubaluleka kwebandla elingawona nomnsinsi wokuzimilela kuleli zwe, labantu bokuhamba.
Kazi babaluleke ngani kuMagaye.
Shine Mfeka
eShowe