MHLELI: Sisenabo abasebenzi bomphakathi abakhathalele abantu bakithi abampofu kunokudla imali yabo. Ngisukuma ngokukhulu ukuncoma uNgqongqoshe wezeZindlu KwaZulu-Natal, uMnuz Jomo Sibiya, ngokuzikhandla kwakhe okungakhathali.
Ngike ngaxhumana naye emsakazweni ohlelweni olusiza abantu, iGagasi Indaba With Alex lapho wayezoziphendulela ukuthi uzongenela kanjani kubantu abadinga izindlu.
Ngabika udaba lwami njengesithunywa somphakathi olwalumayelana nokhubazekile ohlala endlini engamfanele nhlobo. Empeleni leya ndlu kayimfanele umuntu ophilayo ukuba angahlala kuyo. Waluthatha udaba walwenza olwakhe, walusebenza.
Nebala wakhelwa indlu engulindela. Yize olindela begxekwa ngokuthi bayabambezela kodwa bayasiza ngoba kusuke kuliwa nesimo okumele silungiseke esiphuthumayo. USotobe kufanele simncome ngokufika emnyangweni enze ushintsho olunqala.
Phela lo mnyango ubusubukeka ufile ebuholini bukaNkk Peggy Nkonyeni. Kodwa ukungena kukaSibiya kulethe ithemba ngoba ungumholi osuka esifundeni iMusa Dladla, esaziwa ngabaholi abazikhandlayo. Iqiniso lithi lesi sifunda sinabaholi abakhathalele abantu. Noma ngabe kwenzakani khona kodwa basuke bazi ukuthi batshale umholi ozoyimela iMusa Dladla ePhalamende.
Umholi uma ekhombisa ukulwela intuthuko kubantu kufanele ahlonywe uphaphe lwegwalagwala esaphila, ukuze ezoqhubeka azikhandle. Siyabonga Mkhunjini ngokuzikhandla kwakho, okuzobuyisa ithemba kubantu ngenhlangano ebusayo, ekutheni isebenzela abantu bakuleli ngokuphindiwe.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU