ZININGI izindlela zokugqugquzela izingane ukuthi zithuthukise ulwazi lwazo ngolimi oluthile. Kunobufakazi bocwaningo obuthi izingane zaseNingizimu Afrika, zisilele emuva kontanga yazo bakwamanye amazwe uma kubhekwa izinga lokufunda ulimi oluthile.
Kungaba yisipho esihle ukuthengela ingane incwadi kwa-Exclusive books, ethi Iam Shudu futhi eshicilelwe ngezilimi ezehlukene kanti ibhalwe nguShudufhadzo Musida.
UShudu ugqame ngesikhathi eqokwa ngo-2020 njengozime waseNingizimu Afrika, waze wahamba wayomela izwe emqhudelwaneni womhlaba.
Incwadi ifanele abaneminyaka esukela kweyisithupha kuya kweyisishiyagalolunye futhi iyingxenye yohlu lwezincwadi ezithathwa njengezihamba phambili ngabakwa-Exclusive Books.
Phakathi kwezinjongo zikaShudu zokubhala incwadi ubalula ukuxwayisa abantwana ngezinye izingane ezithanda ukuba yiziqhwanga ezikoleni nakwezinye izindawo.
Ngokusho kukaShudu ukhule ehlushwa ngezinye izingane ngenxa yendlela abukeka ngayo futhi uthi wayesola sengathi nguye onephutha.
Ngemva kokuthutha eLimpopo, ayohlala nonina eMpumalanga, uthi wathwala kanzima esikoleni esisha ngoba wayekhuluma isiVenda abanye bekhuluma isiSwati nesiZulu.
Igqugquzela ukuzethemba nokwazi ukuzimela enganeni. UShudu weluleka izingane ukuba zibikela abantu abadala uma zihluswa yiziqhwanga esikoleni futhi zizame ukuthola abangani abanomusa.
Yisikhathi samaholidi lapho kuhlangana imindeni, nezihlobo bethokozela ukuphila kungakuhle bathengele izithandwa zabo izincwadi kwa-Exclusive Books.
Zitholele ezinye izincwadi kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za/