MHLELI: Ngicela isikhala kwelakho lodumo ukulungisa inkulumo kaMfundisi uShozi waseMangangeni ayethule emsakazweni uKhozi ngoJulayi 4, 2020. UShozi ezintweni eziningi azishilo anginendaba nazo kodwa ngiyafisa ukumphonsela inselelo kweyokuthi athi uBhombela, uMqaliwendlela, wathi “uyobuya ngenkosi yesihlanu.” UShozi uthe leyo nkosi wuNyazi. Kunemibuzo engifisa ukuyibhekisa kuye uqobo kodwa ngoba ngeke athole ithuba lokungiphendula ngizoyibuza bese ngimphendulela yona.
1. UBhombela wathi esezohamba emhlabeni wathi “bantabami obengithumile useyasifuna, isihlalo sakhe ngaleyo ndlela angisafanele ukuhlala kuso.” kuthiwa wehla esihlalweni wahlala phansi. ngisho esephuma ethempelini kuthiwa waphuma esegaqa ngamadolo nangezandla njengembuzi. Kuthiwa ngenkonzo elandelayo amakhosazana amenzela umcamelo namanje osekhona okuthiwa ilathi. Kungabe uShozi akakwazi lokho noma ukulibele ngenhloso? Uma ekulibele ngenhloso kusho ukuthi ungumqambi manga, igama lobufundisi alimfanele. Impendulo ithi uyakwazi kodwa inhloso ukwedukisa abalaleli bomsakazo.
2. Esihlabelelweni 220 esalotshwa inkosi iLanga esihlatshelelwa uma kuyisikhumbuzo, kunamavesi okuthiwa angumthandazo kaBhombela esehamba emhlabeni athi “ inyama yami ikhathele izolala ethuneni, umoya wami uzovuka wembathe inyama entsha, kwaphakade ngangizelwe nanini ngiyakuba khona. Vusomunye endlini yami, umnike inhliziyo efana neyakho, umphathe umgcobe ngamafutha omusa.” Kungabe la mazwi awasho ukuthi uShembe uyohlale ekhona kuzekube phakade? Kungabe uShozi akawazi la magama noma mhlawumbe uthi abalobi bawo babemqambela amanga akakaze akusho lokho? Impendulo ithi uyawazi kodwa ukhetha ukwedukisa abalaleli bomsakazo ngamabomu.
3. Kunabaholi abathathu emva kukaBhombela okuyiLanga, iNyangayezulu, noThingo. UShozi ugcotshwe wuThingo ukuthi abe ngumfundisi, kungabe bonke laba baholi babengelutho kodwa uShembe uNyazi kuphela? Lokhu kuyinhlamba kumaNazaretha wonkana ngoba kulokhu kukholwa sikholwa ukuthi uShembe akafi uhlale ekhona njengokwalo mthandazo engiwucaphune ngenhla. Impendulo ithi uShozi uqonde ngamabomu ukwedusa abalaleli bomsakazo.
4. Ngo-2011 lo athi ngawo wakhuluma nomuntu owathi wayehamba noBhombela . Lowo muntu wayezalwe ngamuphi unyaka ngoba owazalwa ngo-1935, ngo-2011 wayena-76 weminyaka, manje-ke wayehamba futhi emuzwa nini uBhombela ekhuluma ngoba uBhombela wayengahambi nezingane? Nabasebekhulile ababehamba naye impela abakaze bakukhulume lokhu. Impendulo-ke ithi ngamanga lawa akaze ibe khona le nkulumo.
5. Ngesikhathi uShozi ekhuluma phambilini wathi uShembe wanqamula umsila wengwenya ayebhabhadisa esizibeni sayo. Le nkulumo isho ukuthi uShembe wayephuca isikhali sayo sokuziphilisa ngoba igwedla ngawo umsila ukuze ikwazi ukuthola ukudla. Manje-ke njengoba wayehubhuza la macebo ezigidini ezilalela umsakazo uthi azithi uShembe wayengumuntu onjani? ohlukumeza izilwane? Kanti nguye owayevikela ukuhlukunyezwa kwezilwane njengoba enza enkawini.
Kuyasihlukumeza singamaNazaretha ukuthi azohubhuza amanga ngoBhombela. Kulungile uma ezowahubhuza ngoNyazi ngoba lungumholi wakhe, abanaye bayakuthokozela lokho.
Sibusiso Nduli