SEKUPHELE unyaka kwaguqa uMntwana waKwaPhindangene, kwahlwa emini. Yebo, kwakungaqali ukuhlwa emini. Kodwa kwakuqala ukuhlwa emini ngaleya ndlela KwaPhindangene nasesizweni sakwaButhelezi.
Amabutho etshatha izihlangu, izalukazi zabuka isibhakabhaka, izintaba zembatha usizi lwesizwe sonke samaShenge, isibhakabhaka saba yingungu. Sagungubala amazwi ehlukene. Izizwe ngezizwe zibabaza isibindi, isiphike, umbonotalagu wakhe, nokuzikhandla ngokwedlulele ukufeza lokho ayekholelwa yikho.
UMntwana ongizalayo, owaziwa njengoMangosuthu kaMathole kaTshanibezwe, wawushiya lo mhlaba emva kokugula unyaka.
Walwa kwaze kwaba sekugcineni. Ezakhe izikhali akazibekanga phansi. Esakhe isibindi kasizange simshiye. Ivuso lakhe lomsebenzi kalizange lihwamuke. Inkonzo yakhe eNdlunkulu kaZulu kayizange idambe. Uthando lwakhe lobukhosi bukaZulu, kukaZulu wonkana, kayizange itebezele.
Ngisho uSifuba siliceke Undaba abathe bezimboza UShenge wab’ ezembulula Wabe ezenekel’ imisebe yelanga Wab’ ezihlol’ ukujiya uMashesha ngowaKwaPhindangene Umashesha unjengoMamonga UMashesha unjongoyazi Usheshele futhi iPitoli Iposi elithunyelwe ngoseveni Labuya labuya ngoseveni
(Falakhe Ngobese noThembinkosi Biyela)
Ngidweba le migqana namhlanje ukukhumbula ukuwelelela ngaphesheya kweqhawe elihlabene emikhakheni eminingi.
Esikhaleni esincane esikhona kangedlule ekubongeni uMntwana osizalayo noNdlunkulu uMaMzila, abasikhulisa ngothando nesandla esiqinile sokungatetemi. Safundiswa inhlonipho yaseNdlunkulu.
Safundiswa ukwazisa wonke umuntu esimaziyo nesingamazi. Sacaciseleka kahle futhi ukuthi kayikho enye impilo ngaphandle kwesikole. Saze safundiswa ukwemukela nokungafisi ukujabula sodwa nokufisa sengathi ubaba unathi njalo.
Kwasicacela sisebancane ukuthi ubaba ngowethu sonke. Sesikhulile sakhanyelwa ukuthi ikhaya loMntwana, izingane zoMntwana, umndeni woMntwana, kwakuyisizwe sonke. Ekugcineni sabona ukuthi impilo yoMntwana yayiphicene nesintu sonke ngokusemandleni akhe.
Kakukho mbhidlango ake aba yingxenye yawo yokuhlalisa abanye lubhojozi bengazange bahlalise muntu lubhojozi. Kodwa kazange futhi afundise muntu ubugwala. Isibindi sakhe wasikhombisa ekukhulumeleni wonke umuntu, ngisho abake bangabaza indlela yakhe yokucabanga nokuhlaziya.
Imisebenzi yoMntwana ngeke ibalwe. Amagalelo akhe ayisikhumbuzo nemvubelo kithi ukuba sizame ukusabalalisa inkolo yakhe ethi wonke umuntu kufanele asebenzele ukubuyisana kwabantu. Izincithabuchopho kazibhali zingaliphathanga igama lakhe, akukhathaleki ukuthi ngasizathu sini.
Kasilindele ukuvumelana nakho konke abantu abazibhalela khona. Kodwa ngiyathanda ukubonga labo ababhala utho abaluhlolisise kahle, beyama emithonjeni ethembekile nengachemile.
Okukhulu kakhulu sengathi bangaba nesibindi asebebone okunye okwakushiwo nguMntwana, bengakuqondi, osekuzihlonzile manje, ukuthi kabokusho bangesabi. Inhlakanipho inhle ngakho ukubona kangcono lokho obekukucashele ngayizolo.
Sifisa ukuba ukuzinikela kwakhe ukuba izingxabano zixazululwe ngaphandle kokusebenzisa udlame kungagcina kuchumile. Sifisa ukuthi ubukhosi nobuzwe bezinhlanga ezehlukene ayebufisela ukudlondlobala bube yisiphephelo sabanini bomhlaba emhlabeni wonke.
UMntwana ubaba, wasithela, kaphelanga. Izigi zakhe zisezwakala. Imisebenzi yakhe isasifuqa ukuba siphikelele phambili. Ngifisa ukuba siqhubeke sibe nobuqotho bokubambisana. Masihlale njalo silalela kakhulu kunokuba silalelwe. Sibaqaphele abaseluleka singacelanga, nabasixazulela izinkinga zasexhibeni bengacelwanga muntu.
Lala uphumule Mntwana waKwaPhindangene, ulwile ukulwa okuhle!
INkosi yakwaButhelezi, uZuzifa Ntuthuko ‘Maphikelela’ Buthelezi kaMangosuthu kaMathole, kaTshanibezwe.