MHLELI: Kwelakho elifundwa umhlaba wonke. Ngicela ukuba ngifisele uNdunankulu kaZulu, uMntwana wakwaPhindangene, inkosi Mangosuthu Buthelezi, usuku lokuzalwa oluhle yize noma seludlulile u-27 Agasti. Ulwenze lwaba ngolubalulekile kithina njengesizwe sase-Afrika.
Ukusebenzela kwakho izwe ngezikhathi ezinzima futhi usenze saba nokuziqhenya ngawe Ndabezitha. Njengoba uSepthemba uyinyanga yamasiko konke lokho kwaba yiyo imizamo yakho Shenge eyasenza ukuba siziqhenye ngamasiko ethu singabampisholo.
Ndabezitha ubukhosi lapha eNingizimu Afrika bunesithunzi nokuhlonipheka nje kungenxa yakho Shenge. Lapho kwasekukhona ababukela phansi ubukhosi, benza yonke imizamo yokubudicilela phansi, kepha wama namakhosi wawaqinisa ngalesi sipho sawo sokuzalwa esavela kuMdali.
Izifundazwe zonke Shenge wawuwakhuthaza amakhosi ukuba abambisane nesizwe asiholayo angayilahli imvelaphi yabo. Kuningi okwenzile ezifundazweni ezinjengoKwaZulu-Natal, Mpumalanga, Limpopo nezinye ukuze ubukhosi bume nanesizwe sikhululeke ebugqileni bohulumeni wobandlululo.
Shenge ngithi bunenhlanhla eyedlulele ubukhosi bakwaZulu ukuba bube nondunankulu onguwe noma eqinisweni ngisho selibaba kwabanye.
Ngicela ukukhuleka esilweni esibusayo manje ngithi, siyasibongela Isilo sethu "Ilanga eliphahlwe ngamanye.“ Siyayibongela iNgonyama yethu, Isilo uMisuzulu kaZwelithini Zulu, ngesikhathi sokubusa kwakhe ngokuba abe nalo ithuba lokukleza kogwansile ngisho ukuthola lomlando walesi sizwe kuMntwana wakwaPhindangene.
Ume njalo Shenge! Ume njalo Ndabezitha sengathi uNkulunkulu angasigcinela wena Shenge.
Madoda Simon Yende
eGoli