MHLELI: Ngizwakalisa ukudabuka kwenhliziyo yami ngenxa yefu elimnyama elisibekele ubukhosi bakaZulu njengoba kusanda kuhamba ngokulandela eduzane kwabaseNdlunkulu kaZulu. Ngithi nje umndeni, izihlobo nabangani nesizwe sonke mabalale ngenxeba. Ngizwakalisa ukubonga kuMntwana waKwaPhindangene onguNdunankulu kaZulu ngokukhalipha kwakhe nokumela iqiniso.
UMntwana akathandi ukuchema nabantu abangahambisani nokuphatheka, abantu abangondlovukayiphikiswa. Siyabadinga abantu abanohlonze abazomela iqiniso njengoMntwana. UMntwana selokhu ema eqinisweni ngisho ebandleni lamaNazaretha walimela iqiniso, wabuza ukuthi liphikiselwani izwi leNkosi uThingolwenkosazane eyabhala incwadi iqoka umholi webandla ozolihola uma lona selushintsha ibhantshi (selukhotheme).
Okwenziwa yiNkosi yesizwe saMaqadi ixova ibandla, uMntwana wakuhlaba wakuhlikiliza. Nanamhlanje akakaze aguquke kulokho okwashiwo nguThingo. UMntwana waKwaPhindangene wafundisa abantu ukuthi bayithemba into ebhalwe phansi njengoba uThingo lwenza. UMntwana akazange aphinde azihlanganise nebandla njengoba kusenombango oqhubeka ngaphakathi kweNazareth Baptist Church osasezinkantolo. UMntwana wakubuka kukubi ukuthi uma abantu bengavumelani ngento ethile, bese ezihlanganisa nabo. Wabona kuyichilo ukuthi uma yena njengoyise wesizwe azihlanganise nanoma yiluphi uhlangothi, wakhetha ukuma phakathi nendawo. Wayebuka ukuthi uyoba yini emlandweni engumholi omkhulu kangaka, uma sekuphuma isinqumo sithi ’uhlangothi obuwumbimbi nalo lulahlwe yicala ngenxa yamanga’. Wayeyophinda abe yini nje? Izwe lembethwe yifu elimnyama ngenxa yokuphikiswa kwezwi loThingo. Kwathi nabantu abakhulu ababekelwa ukubheka ukuthi abantu bangacindezelwa ngamanga nangobuqili, lokhu esibona amanye amakhosi amaningi asephakathi kwabantu abayizigangi. iNkosi Buthelezi kayizange ibe nendaba nobuningi babantu, kayizange ibe nendaba neminikelo yezinkomo neyezinqama eyayingathengwa ngayo, ukuze ilidele iqiniso inamathele emangeni nasehlazweni. Ngibuka umbango usungaphakathi endlunkulu lapho abantu sebengenwe wumoya wokuphikisa izwi leMbube, eshiye ikubhalile phansi okumele kwenzeke uma isikhotheme. Ngokuzwa kwami kuseyiyo iNkosi uShenge ethi izwe lonke nendlunkulu makuhlonishwe izifiso zikaNdabezitha kulokho akushiyile. Ngiyathanda nami ukusho ukuthi ondlunkulu bonke nabaNtwana basezindlini zonke mabahloniphe izifiso zeSilo. Mabahlale phansi babonisane ngomoya wokuthula nokwazisana. Bahlonishwa yizwe lonke naphesheya kwezilwandle. Ngiyafisa uNdlunkulu waKwaKhethomthandayo naMazinyane eSilo behlele ngezansi, balihloniphe izwi likaMdlokombane. Bonke abaNtwana basendlunkulu mababambelele ehlombe likaShenge ngoba uyindoda ongayethemba kwezamaqiniso. Ngiyathanda futhi ukuthi baye kuMntwana uThembi Zulu-Ndlovu ngokuthi angawudungi umsebenzi wasendlunkulu, kwazise yena sewagana. Makaphawule lapho ephawula khona kepha angafaki umoya wendlakadla phakathi kwezindlu zeSilo. Uma enze kanjalo uyofike athini koyisemkhulu abalwela lesi sizwe, basibumba saba yilokhu esiyikho namhlanje. Sonke masikhulumeni ngazwi linye siwuZulu, sihloniphe izwi likaBayede, ukuze naye lapho ekhona alale ngokuthula. Thina siyisizwe samaZulu sizogcina sibukelwa phansi ngezinye izizwe. AmaNazaretha aphikisa incwadi ebhalwe phansi yinkosi, iqoka umholi okhethwe emazulwini. Kwala noma izinkantolo zisho ukuthi akukho mkokotelo encwadini kepha sangavuma ukulalela. Namhlanje umlando uyaziphinda ngokuthi iSilo siqoke iNgonyama bese abaNtwana nondlunkulu bebanga umsindo ngoqokiwe. Ngithi nje nina bezulu eliphezulu mayihlale phansi ibambe umthetho! Masimhloniphe sonke owaqokwa ngamakhosi asendlunkulu alele othulini lomhlaba.
OKHATHAZEKILE