MHLELI: Kuyajabulisa ukubona sengathi uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, usenomgogodla wokumela izinto zeqembu.
Ngiyathemba futhi usezokuba wumengameli wawo wonke amalungu e-ANC, hhayi uhlangothi oluthile noma abameseka ekutheni akhethwe esikhundleni.
Impela sekunesikhathi ngikhathazekile ngobuholi bukamengameli ngoba lezi zinto engizibale ngenhla bezingabonakali kuyena. Ngiqonde ukuthi kubalulekile ukuthi kungagcinwa kushiwo ngomlomo ukuthi uRamaphosa unguMengameli we-ANC kodwa kufuneka kugcwaliseke nangezenzo zakhe.
Njengoba emela ukugcinwa kwesinqumo sengqungquthela sokuthi ababhekene namacala mabashenxe, siyathemba uzokusukumela nokuthi kufezwe nezinye izinqumo ezathathwa.
Phakathi kwezinye izinqumo umengameli obekubukeka sengathi uyazishalazela - ukubuyiswa komhlaba nesenkululeko yezomnotho.
Njengoba eseqalile ekhuluma ngezinqumo zomhlangano wango-2017- akazilwele zonke ukuba zigcinwe. Akungabi sengathi utomula isinqumo esithile esizomsebenzela ukulwa nezimbangi zakhe.
Kubalulekile ukuthi izinto zibhungwe kwipolitiki. Akungabi nje sengathi umengameli nohlangothi lwakhe balawula ngobuningi.
Ngiqonde ukuthi kumqoka ukuthi izwakale yonke imibono bese kuhanjwa nalowo ozwakala kahle futhi futhi owesekwa yiningi. Makuvunyelwe inkulumompikiswano.
Ngale kwalokho, i-ANC isengcupheni yokufa. Izobulawa wubuxoki nobumbulu kubaholi.
Iqiniso wukuthi inkohlakalo iwubulele umbutho. Manje inselelo wukuthi uvuselelwa kanjani.
Okubalulekile wukuthi kube neqiniso ekulweni nenkohlakalo. Ayikho inkohlakalo engcono kunenye. Inkohlakalo makube yinkohlakalo - mayingashintshwa igama uma kusolwa ukuthi yenziwe wumuntu esidlelana naye.
Sizwe Ngcobo
EMGUNGUNDLOVU