Bonke Dumisa
ININGI labahlaziyi liyigxekile inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa, bathi uphinda-phinda into eyodwa. Bakhala ngokuthi ayikho into entsha ayishilo, abanye bathi lokhu kufana nokufaka iwayini elidala ebhodleleni elisha.
Ngingomunye walabo ababekubalulile lokhu ngaphambi kokwethulwa kwale nkulumo, ukuthi akukuningi okusha uhulumeni angakusho ngokufukulwa komnotho ngoba ayikho imali eningi angayisebenzisa ukujabulisa abafisa ukuthi kusetshenziswe imali eningi ibe ingekho ukufukula umnotho khona manje.
UMengameli Ramaphosa wathi isu likahulumeni lokuvuselela nokwakhiwa kweNingizimu Afrika kabusha lincike ezinhlakeni ezinhlanu:
Ukwakha amathuba amasha emisebenzi:
Ngokwandisa ukwakhiwa nokuvuselelwa kwengqalasizinda ebalulekile ezweni kanye neminye imibhidlango engandisa okuqashwa kwabantu abaningi.
Ukuvuselelwa nokwandiswa kwezimboni zohlobo oluphambili ekukhiqizweni kwezinhlobonhlobo zezimpahla, ikakhulukazi ekukhuliseni izimboni ezincane ezisafufusa kule mikhakha.
Ukugqugquzela ukuguqulwa kwezomnotho ukuthi kube nezinguquko ezibonakalayo; okungenza kube nabatshalimali abaningana abazongena kwezomnotho, ukuze kukhule umnotho ezweni.
Ukulwa ngomfutho nobugebengu nenkohlakalo yogimbelakwesabo; futhi kulungiswe kuphinde kwenziwe ngcono amakhono nendlela uhulumeni enza ngayo izinto.
Uhulumeni uzimisele ukulungulisa umonakalo owenzeke kwezomnotho wezwe ngenxa yobhubhane lwesifo, iCovid-19 esilimaze kakhulu ezomnotho, kwalahleka imisebenzi engaphezu kwezigidi ezimbili ezinyangeni ezintathu zokuqala ngemva kokugunyazwa komthetho obuvala izwe.
Kungakho uhulumeni wenza izinhlelo ezinhlobonhlobo ukwenza izibonelelo ukuhlangabezana nalabo abangasebenzi nezinkampani ezahlangabezana nezinselelo zemali ngenkathi kuvalwe yonke into.
Ukuvuselela ezomnotho, uhulumeni uthe uzimisele ukwandiswa ukukhiqizwa kwezamandla nogesi kungakapheli iminyaka emibili.
Ukwenza isimo esihle ezweni ukuze kwakheke amathuba amasha emisebenzi abalelwa ku-800 000, ezinyangeni ezimbalwa ezizayo, nokuvala ezinye zezikhala ezivulekile ngemva kokulahleka kwemisebenzi.
Ukwenza isimo esingcono sokutshalwa kwemali ukuze kube lula ukuthi kwakhiwe noma kuvuselelwe ingqalasizinda ebalelwa kwizigidi zezigidi zezigidi (trillion) zamaRandi kule minyaka emine ezayo.
Kunyuswe imikhiqizo yezimpahla ezenziwa ngaphakathi ezweni, kuphinde kwenziwe ngcono izimboni lapho kukhiqizwa khona izimpahla eziningi ezinesidingo. Ingqalasizinda esikhuluma ngayo lapha ifaka ukwakhiwa kwezikole, eyokuhambisa amanzi, nokwakhiwa kwemizi yemixhaso. Kumanjenje uhulumeni usezinqumele ukwakha izindlu zemixhaso ezingaphezu kuka-190 000.
Kunemisebenzi engaphezu kuka-60 000 yokulungisa ingqalasizinda nemigwaqo emazingeni omasipala.
Kuzokwakheka amathuba emisebenzi angu-75 000 kwezolimo kulabo abafufusayo.
Kunamathuba angu-100 000 kwimfundo yabantwana ezinkulisa, abangakangeni ezikoleni, nabafunda ngokugcwele.
Uhulumeni uthe uzokwenza amathuba awu-300 000 kwabasha abazosiza kwezemfundo ngezindlela ezehlukene.
Uma kumele ngikhulume iqiniso njengomuntu esefa, ngingakubeka ngingananazi ukuthi umengameli wethula inkulumo ngoLwesine olwedlule ngoba wayengaphansi kwengcindezi ethi uhulumeni makasho okuthile ngokuthi umnotho uzofukulwa kanjani.
Osombusazwe bayakwazi ukubhala amakhasi awu-15, bakhulume ngaphezulu kwehora noma amabili begida ndawonye. Yilokho-ke uRamaphosa akwenze ngoLwesine.
Inkulumo ebaluleke kakhulu yileyo ezothulwa uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni ngoLwesithathu oluzayo, lapho ezoba ethula isabelomali samaphakathi nonyaka, asho ukuthi kule minyaka emithathu ezayo imali izokwabiwa kanjani.
Yileyo nkulumo ezocacisa ukuthi mungakanani umonakalo odalwe yiCovid-19, nokuthi bahlela ukuthi siphume kanjani kulolu taku. Kumele sikhumbule ukuthi imali ayimili ezihlahleni, uhulumeni ngeke asebenzise imali angenayo.
USolwazi Bonke Dumisa umhlaziyi wezomnotho futhi ungummeli wasenkantolo enkulu