MHLELI: Ngithi angivumelane noSiyabonga Nsimbi Sangweni ukuthi ukufika kukaThulani Tyson Hlatshwayo kwaba sematheni kithina balandeli beziMnyama ngoba sasibona amagalelo akhe emaqenjini asedlale kuwo.
Ngizoke ngibalule into eyayenza simamukele ngesasa, wukuthi bangabangane benoHappy Jele ongukaputeni futhi badlala emuva. Lokho kwasenza sabona udonga luzoba yintaba yaseZiyoni kanti asibuzanga elangeni.
Okwasiphoxa kakhulu ngamaphutha obungane ayewenza esishiya simangele, yize umdlalo webhola usuke unamaphutha kodwa okukaTyson kwasekwedlulele. Mhlawumbe abantu abanjengo Nsimbi noLegwati bayadingeka ukuba baluleke abadlali ukuze kuzoqina ukhakhayi kubona ngoba izinkomba zithi abadlali bafika basindwe yijezi emaqenjini amakhulu akuleli. Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthola abadlali abazobaluleka ngokomqondo, ukuze bezomelana nezimo.
Uyabona nje uNsimbi benoLegwati babebumbene futhi bezwana emuva. Uyabona sengathi kulaba badlali esinabo bagcinana enkundleni, bese beyozigruvela. Iqiniso lithi ibhola lidinga ukuba nizwanee ukuze nizonqoba. Buningi ubuthaka esibubona kubadlali basemaqenjini amakhulu. Kuzomele abadlali bashintshe ukwenza manje ngoba bayalibulala ibhola labo.
Mina ngigcina sengingazihluphi ngokulibuka Ibhola lakuleli ngoba liyinsini ngokwenziwa ngabadlali, amaphutha obungane. Uyabona ukuhamba kukaTyson kube yisinqumo esihle kubaphathi beBuccaneer ukuze bamvikele olakeni lwabalandeli.
Basebaningi abadlali abasazokhonjwa indlela ngoba kabazimiseli nhlobo uma besenkundleni. Uyabona Nsimbi, siyakucela ukuba ululeke abadlali ngokomqondo ukuze bezophakama ngokwebhola.
Khabzela KB Mziamela
EZWELIBOMVU