MHLELI: Bengiesebenzela uMnyango wezeMfundo esikoleni Isolesizwe High eminyakeni engu-30 eyedlule.
Ngenxa yokukhula nokugula ngibe sengithatha umhlalaphansi. Incwadi ngayibhala ngo-Okthoba ngonyaka owedlule (2019) ukwazisa umnyango ngokuthatha umhlala phansi kwami.
Kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje angikaze ngiyithole imali yami kanti njalo uma ngibuza ngenqubekela phambili babeka izaba. Baqale bathi angilungise isibongo, ngasilungisa. Base bethi angishintshe ibhange lami ebengivele ngihola kulo ngenze kube ngelinye, ngakwenza futhi nalokho. Emva kwalokho bathula udu.
Ngibe sengithinta uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mshengu ukuba angisize. Sekuze kwaphela izinyanga ezine angisizakali ngalutho. Sengizame ukuxhumana naye ngayo yonke indlela yokuxhumana, kusuka kwiselula yakhe, Twitter, WhatsApp neFacebook. Waqale ethembisa ukungisiza manje akasaphenduli nhlobo.
Kubuhlungu ukusebenza ngokuzikhandla iminyaka engaka bese ngiphathwa kanje.
Samukelisiwe Mkhwanazi
Mtubatuba