MHLELI: Ngisacela unginike isikhadlana ngizwakalise ilaka lami ngomsakazi ebengimkhonzile uNgizwenkosi Mlandowamachunu Mchunu (osesithombeni). Yize esengekho kwezokusakaza kodwa uyohlale engumsakazi engimkhonzile.
Ukumkhonza kwami yingoba ubesiqhakambisa isiZulu emsakazweni Ukhozi FM nokuyinto esilahlekile manje ngenxa yokuthi iningi labasakazi lizibona lilahla uma lisakaza ngesizulu.
Ngizoke ngingene ngithi ntshi ekungezwaneni kwakhe nowayenguzakwabo uTshathugodo Khathide Ngobe.
Ngithi wayenguzakwabo nje yingoba babehubha uhlelo uSigiya Ngengoma nanokusebenza ndawonye emsakazweni Ukhozi, yize sewakhonjwa indlela ekubeni uTshatha yena esayibambile.
Ingxabano ebukeka isusa uNgizwe isiyasinenga thina bantu bakuleli. Okwenza sinengeke ngukuthi uMacingwane uneconsi nochuku okuyinto engafuneki kubantu ubona singayindawo nje.
Uchuku lususwe uNgizwe walusabalalisa ezinkundleni zokuxhumana. Sengiyifundile yonke into ake ayisho ngoTshatha okubukeka emsukela ngoba zolo lokhu bebengamathe nolimi besasakazela Ukhozi.
Mina bengingalindele ukuthi uNgizwe uzokhulumisa okomuntu ongawubonanga umbombo kathisha. Ukukhuluma kwakhe kabi ngoTshatha sikuthathe njengomuntu ovimba ngempumelelo yomunye umntwana.
Phela singabalaleli siyazi ukuthi bebengamathe nolimi futhi ubungeke ubahlukanise nhlobo kodwa kumanje sesizwa izindaba.
Okungenze ngaloba kwelakho ukuthi usabise imbongi engiyibiza ngembongi yamaqiniso uKwazi Nsele.
Umfoka Nsele usezakhele udumo ngokusho into eyiqiniso njengoba ebuze ngamathuna aseGoli nje kodwa uNgizwe usemsabise ngokuthi umfana uncome uTshatha ngokushayela uSigiya Ngengoma kahle.
Mina ngisasho nje ukuthi uNgizwe akehlise umoya bese ebhekana nenselelo akuyo ayeke phansi ingane enhle njengonina uThembi yenze into esegazini kuyo okuwukusakaza.
KB Mzimela
EZWELIBOMVU