INCWADI: Rise strong- finding your purpose in life's crises
UMBHALI: Sarah Jakes Roberts
ABASHICILELI: Struik Christian Media
IZOKUVUSELELA intshumayelo ecashunwe encwadini kaRuth, yahluzwa ngumlobi uSarah Jakes Roberts. Kusobala ukuthi uSarah wathola ubizo lwabazali bakhe okunguTD noSerita Jakes ngenxa yekhono lokucubungula ivesi ngalinye.
Umlobi usebhale izincwadi ezimbalwa okuhlanganisa ezithi Women evolve, Lost & found, Dear Mary, Don't settle for safe nezinye.
Uma enza imizekelo usebenzisa izigigaba ezenzeka empilweni yakhe. Ubalula ubunzima bokuba yingane yomfundisi ohlonishwayo emhlabeni okuthi uma inezinselelo yahlulelwe yiwo wonke umuntu ekubeni ingenawo umgodi wokucasha.
USarah ubonga abazali bakhe ngoba abamlahlanga ngesikhathi ebathela ngehlazo ngokukhulelwa eneminyaka ewu-14.
"Ngesikhathi ngikhulelwe okokuqala...., ngangibabuka abazali bami beya enkonzweni njalo ngeSonto beyokhonza.... Ngaleso sikhathi babebancane abantu ababazi futhi isilonda sasisabhibha. Abazali bami abazange bakwenekele izwe kepha konke bakushiya ezandleni zikaNkulunkulu," kubhala uSarah ngokwesekwa ngabazali bakhe ekhasini 5.
Uthando nokwesekwa ngabazali ukufanisa nokuzibophezela kukaRuth kuMdali yize wayebhekene nezinselelo empilweni, ngemva kokushonelwa ngumnyeni wakhe emncane.
USarah weluleka ngokuthi ngesinye isikhathi abantu bagcina bezishintsha amagama abo ngoba besaba ukuqala kabusha empilweni ngenxa yogqesta abathanda ukwahlulela nokuhlekisa ngabanye uma kubhimba izinto.
Ucaphuna izwi elitholakala kuRuth 1:19-20, ngesikhathi uNoami noRuth bebuyela emuva eBethlehem, bengenalutho futhi sebeshonelwe ngabayeni.
USarah uloba kanje ekhasini 23:"Owesifazane wabuza “Ngabe nguNaomi lona?" Ungangibizi ngoNaomi," kuphendula yena. ”Ngibize ngoMara ngoba uMdali wenze impilo yami yaba muncu.“
Ingqikithi yencwadi nomyalezo womlobi kugxile ekutheni, kawulahli uma uqala phansi empilweni, uzama kabusha. Kukhona osomabhisinizi abalahlekelwa yikho konke ngesikhathi kuhlasela ukhuvethe kepha namanje kusamele bakhokhele izikweletu yize engasekho amabhizinisi. Kepha kumele baqhubeke nempilo.
USarah uthi noma iziwula zingagigitheka ngesimo sakho kepha ungazishintshi uzenze into ongeyona uma ungaphumelelanga. Qala phansi futhi uzophumelela uma wenza njengoRuth, uthemba uNkulunkulu. Halleluya bazalwane, masizilungiselele ngoba selise mome iPhasika!