MHLELI: Ngiyasha esifubeni, ngivumele njengoba kuqala unyaka ngibhadlaze le ndaba ifundwe yisizwe sonke. Mhlawumbe uma sengiyithulule lapha neziphathimandla zebandla iHouse of Love and Care zizosukumela phezulu. Siyaphela ubugebengu egatsheni laseSiphingo.
Iyangidina into eyenzeka lapha. Ungayibona imihlola. Sekuze kuthiwe abantu abeze bazobeka noma yimalini ezinyaweni zomfundisi ukuze babusiseke. Kubuye kuthiwe abaphonse noma yimalini lapha epulpiti khona izwi alifundile umfundisi lizoletha izinhlanhla emizini yabazalwane. Kubuye kuthiwe abantu abasho ukuthi benza mabhizinisi mani ukuze babe nezibusiso, umfundisi awathandazele.
Kuningi nje. Umama umfundisi usulwa ubuso ngamavolontiya. Uma kungena umfundisi kuthiwa abazalwane abasukume bashaye izandla noma kungena umkakhe. Kanti sikhonza bani lapha, bona noma uNkulunkulu?
Kunamantombazane andawonye axabana nomama umfundisi ewasola ngokuthi afuna umfundisi. Athe esehambile ebandleni kwathiwa yiwona abeshela umfundisi.
Kunengane enele yathola umsebenzi iyafundisa umama umfundisi wayishelela umfana wakhe, bayajola kumanje - sikuphi kanti lana? Enzeka kanjani amanyala anjena esontweni?
Kuqala indlu esikhonzela kuyona kwathiwa yathengwa yibandla iyakhokhelwa. Manje sekushintshiwe - njalo umzalwane ngamunye ekupheleni kwenyanga ukhipha uR200 ngoba sekuthiwa indlu iqashiwe. Okusho ukuthi labo R200 umuntu uyobakhipha kuze kuyovalwa. Angithi uyabona babona ukuthi uma bethi yathengwa kuzohamba, kuhamba kuphele ukuyikhokhela. Kungcono basibambe ngokuthi kuqashiwe. Kumanje kuthiwa umzalwane ngamunye akakhiphe R1 500 wendlu yesonto ezokwakhiwa. Kulowo mzuzu akukho siza kodwa sebeqalile abazalwane bayakhokha.
Laba abangenalutho angithi bahlezi benganakwa muntu. Omunye umzalwane ushonelwe yingane. Kuthe uma ecela ukufihlelwa wumfundisi, kwayiwa emabhukwini kuyobhekwa ukuthi uyakhokha yini ebandleni wasindiswa wukuthi njalo ngenyanga uyawukhipha uR200. Kulowo mzuzu umama umfundisi wayengamazi kwalo womama oshonelwe yingane ngoba abazalwane ubazi ngokuthi banani.
Abaholi bebandla ake basondele - sengathi umelusi wethu usephuma kakhulu endleleni esiyaziyo.
Okhathazekile
EMLAZA