Imibono

UNdosi makazehlise axolise kuZimdollar

Published

UMLOBI ubona kufanele ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele axolise kuZimiphi Biyela nwoKhozi FM ngamazwi awaqondisa kuye ethi wakhonkotha emsakazwen Isithombe: BONGANI SHILUBANE/ African News Agency (ANA)

MHLELI: Emasontweni ambalwa adlule uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele wakhuluma esidlangaleni wathi kunentombazane eyaya emsakazweni yayokhonkotha.

Ngokuqonda kwami ukukhonkotha umsindo owenziwa yinja, ingcanga noma umgodoyi.

Intombazane ayekhuluma ngayo uNdosi kwakunguZimiphi Biyela woKhozi Fm. Angikuncomi ukusebenzisa kukaZimiphi inkundla yomsakazo ukuzwakalisa ilaka lakhe, noma-ke phela kuthiwa inhliziyo ayiphakelwa.

Nginombono nokho othi njengomholi noNdosi akukho okwakumgunyaza ukuthi athi isidalwa esingumuntu siyakhonkotha

Nginombono othi ukuba ngumholi wabantu akukuniki igunya lokwethuka umuntu ngisho noma ngabe ukuliphi izinga empilweni. Inhlonipho kumele ibe kabili - unya lwabasha luyaphindana.

Usexolisile uZimdollar kanjalo nongqongqoshe kumele awahoxise amagama akhe ngaphandle- ke uma impakamo izomnqabela ukwenza lokho.

Bhekani Thabede

EMhlathuze