UMSAMO nendikimba yawo nguwena uqobo kuqala
SIHLALE sikhuluma ngomsamo imihla namalanga, abantu bephuma bengena, bethi bayozama ukuzwa ukuthi konakelephi. Abanye bethi siphume siye emasontweni siyokhuleka ngoba sonke sibabele into eyodwa, imali nokuphila.
Kodwa kukhona lokhu esikushiyayo, esihlale singakukhombi ngeminwe ngoba sithi kuyingcwele. Ukulahlekelwa kwethu yisintu sokuphila nokungabi yixhaphozi lezinkolo ezifuqwa imihla namalanga kithina, sibone kusebenza, izinkinga zethu ziqala kulokhu esithi wumsamo. Kulula namhlanje umuntu ukuthi athi kusafanele ngiyozwa ngomsamo wami. Nebala umelaphi afike athi uzokulungisela umsamo, kokunye konakele emsamo kodwa ebe eshiya isiphuzi okuyisona esiseqomeni kunazo zonke.
Angazi noma uke uzibuze wena ukuthi wungubani nokuthi uyini. Umsamo omkhuku kunayo yonke nguwena uqobo. Iningi lethu ligijima lithi liyobheka umsamo kodwa kube kukhuluma wona umsamo, uthi uyozibheka. Kuningi okonakele emsamo, okuyithina ngezenzo zethu, ukukhuluma kwethu nokucabanga kwethu. Cishe akekho umuntu ongambizi uNkulunkulu negama likaJesu, kodwa ube ukhohlwa wukuthi uyisidalwa sakhe uNkulunkulu, nalowo ophila naye uyisidalwa esifana nawe sakhe uNkulunkulu. Ukugqamisa ukuthi ungumsamo, kanjalo nomakhelwane wakho ongomunye umuntu, ungumsamo wakho naye.
UNkulunkulu wabeka imithetho elishumi, eminye yayo etshela wena ukuthi kufanele wenzeni, nomunye ungubani kuwena naye kufanele enzeni kuwena. Ngikholwa wukuthi waba nofefe uNkulunkulu lokuthi aphinde azokugcizelela lokhu ngokuthumela izithunywa zakhe ezehlukene, okudume kakhulu kuzona uJesu Khristu, ukuba azogcizelela le mithetho nangezintshumayelo ayezikhuluma njengezimfundiso kubaFarisi. Akukho uJesu ayezokukukhuluma ngaphandle kokuthi uyazi yini ukuthi umsamo unguwena, ngakho yiba nendawo futhi lapho lo msamo onguwena uzokuxhumana khona neminye imisamo engabanye, okuyisonto kanjalo nemisamo okungabakini, okulikhaya kanjalo nomsamo okungabazali bakho asebahamba okuyile ndawo ohlale uyibiza ngokuthi ingumsamo. IBhayibheli liyibiza ngeAltar.
Sibaningi singamakholwa abanye bethu bangebefundisi abakhulu abadumile, singabelaphi siyikho konke kodwa esikushumayelayo umbuzo uthi ngakube kuphuma emsamo, okungumsamo ohlanzekile, ofanele ukuthi ungashumayeza eminye imisamo na?
Okuphuma ngomlomo ngiyakuhlonipha yini, kunalokho okungena ngawo umlomo. Akekho oke azibeke ezinkundleni athi mina ngingcolile ngonile, kodwa omunye okuhlale kukhulunywa ngaye ukuthi ucabanga ukuthi ungcono, uyazitshela abanye baze bahlelelwe ukuthi babulawe. Okukuwena ngaphakathi okucabangayo, udlinze ngakho ngakube uma omunye angase akubone angakuthola kuhlanzekile yini na? Sitsha esihlanzekile ngaphandle sabhekiswa phansi usihloniphe, mhlazane sabhekiswa phezulu kuphume izimpukane, uyophinde usihloniphe yini na?
Yilo msamo okufanele ke sininge ngawo, hhayi ukuhlala siphuma sithi siyolungisa umsamo kodwa kube kuyiwo msamo okhulumayo, ohambayo othi uyobheka umsamo, engabe uzibheka wona kuqala. Yilo msamo okuyothi noma sewuhamba emhlabeni, ushiye ubuhle noma ububi emndenini wawo, kanjalo nasezweni lonke. Kungakho nje kunamanga amaningi emathuneni. Uma umuntu esehambile siyaye simphelezele ngamazwi anamanga, sisho konke obekukuhle ngaye, kodwa uma kungase kuqhamuke ngaleso sikhathi osho okuliqiniso ngaye, angabulawelwa khona lapho, kuthiwe uzophoxa.
Isikhathi esiningi asikucabangi lokhu ngoba sibuka kude kunathi kodwa kube konke kuzungeze kithina. Umsamo wokuqala yimina nawe, owesibili ngabazali bethu, owesithathu ngasebahamba ogogo nobabamkhulu nokhokho. Yebo, naboabangenzanga lutho, abashiya awabo amacala, abangacabanganga njengathi.
Bese kuba yile ndawo esihlangana kuyona endlini yesintu, esithi yisemsamo nethala, okukhona neziko nensika, okuyizibonda zakho konke.
Yilokhu-ke imihla namalanga esihlale sitshelwa ukuthi konakele, kufanele kulungiswe. Kuyafikwa kawuboni nokuthi kwenziwami, ungatshelwa amaqiniso namanga akho owenzayo nokungcola okubelethe noyikhona.
Siyashumayela ezinkonzweningamasonto, sibe sezigodlweni, sithi siyabelapha sibalungisela inhlanhla kodwa sibe thina singakabi nalo iqiniso kithina, okuyimisamo yethu.
Uwulungisa kanjani umsamo womuntu omtshela ukuthi wonakalelwe ngumsamo, kwawena owakho usadinga ukulungiswa ungcolile? Namhlanje sekulula ukulimaza ubuwenangezindlela eziningi ukuzonda oyedwa ugcine uphimisela kwabanye, nabo bakuvumele sikhulume ezinkundleni zokuxhumana, ubone izinto zakho zingayi ndawo, uqale umona kanti konakele wena luqobo, ungumsamo.
Ake ukuthathe lokhu ukucabange ngaphandle kwenzondo nomona nomgolo, kodwa ukwetshise njengenkomo isilele ebusuku, ukuthi izinto zakho azilungi nje yimuphi lo msamo owonakele nokuthi lona onguwena omehlomambili, zindlebembili, zindebembili, zimbobo zamakhala ezimbili, zandla zimbili zinyawo zimbili, zihamba siyashiyana, zikusa phambili nasemuva, kodwa kukhona lokhu okukodwa kuwena emzibeni: Inkaba, kungani kwabayiyona yodwa na?
Impendulo uma uyithole ngeqiniso, uma likhona izulu, wuyokuba ngowokuqala ukungena kulona ngokwasemsamo
Bhedlindaba “VVO” KaLu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of Umsamo Wisdom.
Gauteng: 010 007 5294/5
KZN 087 11 00 555
Esigodlweni: 033 342 3945.