NJENGOBA izolo bekuwusuku olubalulekile okubuyela ngalo abafundi bakaGrade 11 noGrade 6 esikoleni emuva kwesikhathi eside behleli emakhaya ngenxa yokuqubuka kweCoronavirus, sikuqonda kahle kamhlophe ukuthi mukhulu kangakanani umsebenzi omele uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Ngaphandle kokwenza konke okusemandleni ukuzama ukuqinisekisa ukuphepha kwabafundi nabasebenzi bethu ezikoleni, sinomunye omthwalo onzima osemahlombe ethu wokuqinisekisa ukuthi sinendlela yokuvala isikhathi esilahleke ngesikhathi kungafundwa.
Kungalesi sizathu ngesonto eledlule besihlangene sicwaninga uhlelo lwethu lokuqinisekisa ukuthi abafundi bacijwa ngendlela efanele, i-Academic Recovery Plan. Lapha besibheka zonke izindlela ezimqoka nezizoholela ekutheni izingane zethu zithole imfundo esezingeni elifanele nezokwenza kungazweli kakhulu ukuthi sekunesikhathi eside zihleli emakhaya.
Ukucwaningwa kwalolu hlelo bekuhlanganise sonke isigungu esiphezulu sokuphathwa koMnyango i-senior management ukuze kuphunywe nezinqumo kanye nemiphumela edle ngokujiya nezosiza izingane zethu. Ngingasho nje ngaphandle kokungabaza ukuthi ngasohlangothini lokuqinisekisa ukuthi abafundi bethu ababuyela esikoleni namhlanje nalabo asebevele bebuyele okunguGrade 12 noGrade 7 sibalungiselele kahle kakhulu ukuthi bangasali emuva ngenxa yesikhathi eside sokuvalwa kwezikole okwadalwa wumbhedukazwe wesifo esaqubuka kwelaseChina ngoDisemba nyakenye kodwa esesisabalele umhlaba wonke.
Yize sazi ukuthi ukuvikela ukusabalala kweCoronavirus edume ngeleCovid-19 kuncike kakhulu endleleni yokuziphatha nokunakekela kubantu, nathi njengomnyango senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi njengoba isibalo sabafundi sesizothi ukwanda kancane ezikoleni ngenxa yokubuya kwalaba bamabanga amabili kodwa ezokuphepha zihlala njalo zisezingeni eliphezulu.
Phakathi kwezinto esizenzile nangesikhathi kubuya ithimba lokuqala, kube wukuqinisekisa ukuthi abafundi kabahlali ngokusondelana emagunjini okufundela kodwa bashiyelana ibanga elingaphezu kuka-1.5 metres ukuze kungathi omunye uma ethimula kumbe ekhwehlela kutheleke omunye.
Siphinde saqinisekisa ukuthi bonke abafundi bethu sibathengela izifonyo okuzothi uma befika esikoleni bazifice bese beyazisebenzisa. Siphinde futhi senza isiqiniseko sokuthi sihlinzeka ngamathanki amanzi izikole obekunzima ukuthola kuzo amanzi ukuze siqinisekise ukuthi abafundi nothisha bethu bayalithola ithuba lokuhlamba izandla ngaso sonke isikhathi ukuze bahlale njalo benezandla ezihlanzekile nokuyinto inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation eyitusa kakhulu ekuvimbeleni ukusabalala kweCovid-19.
Izibulalimagciwane zokuhlamba izandla nazo zikhona ukuze abafundi behlale njalo behlanza ngazo izandla. Namagumbi okufunda kuyaqinisekiswa ukuthi zonke izinsuku ahlanzekile. Siqinisekisile futhi nokuthi uma abafundi befika esikoleni bayabhekwa isimo sabo sokushisa khona uma kungukuthi kukhona oshisa ngokungajwayelekile sithathe izinyathelo ngokushesha ukuze simnike usizo ngokuphazima kweso. Zonke lezi zinto ezisenzayo sizenza ngoba sikhathalele ukuphepha kwabafundi bethu okumqoka ukuthi bafunde ukuze kuthi uma iCovid-19 isidlulile kodwa bona babe ngabantu abazokwazi ukuba nekusasa eliqhakazile.
Amathemba okuphepha nokuthola imfundo esezingeni aphezulu kakhulu. Ngakho-ke sithi amaphaphu phansi. Asiqinise kakhulu ekusebenzisaneni ukuze silinqobe igciwane.
Kuleli qophelo ngiyafisa ukuphawula ngokudideka okuke kwaba khona kwezinye zezikole zethu uma kubikwe ngomuntu osehaqwe yigciwane. Izikole eziningi bekuthi uma kuke kwabikwa zivele zikhiphe umyalelo wokuthi zizovala okungenani izinsuku eziwu-14. Siyafisa ukucacisa ukuthi umthetho ohambisana nemigomo yezempilo uthi uma kunesehlo esibikiwe esikoleni, leso sikole kumele sivale amahora awu-24 okuyizinsuku ezimbili kuphela ukuze sihlanzwe kahle kubulawe amagciwane okungenzeka ukuthi akhona.
Mayelana nokuhlolwa kwabantu kuleso sikole okubikwe kuso isehlo, indlela yokusebenza nemigomo yezempilo ithi kumele kuhlolwe kuphela labo abebeseduze nalowo okubikwa ukuthi unegciwane kunokuthi kuhlolwe wonke umuntu esikoleni. Siyacela ukuthi sibambisane kakhulu kulesi simo. Ukubambisana yikho okuyosenza sinqobe lesi sifo.
Sengiphetha nje, siyafisa ukucacisa ukuthi sizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuphepha kwabafundi bethu nokuqinisekisa ukuthi abasali ezifundweni zabo.
Kungokokuqala ukuthi isizukulwane esiphila njengamanje sibhekana nesimo esibhekene naso njengamanje. Lokho kusho ukuthi izinto eziningi sizozifunda ngendlela. Kodwa-ke yize kunjalo, ukuphepha kwabafundi kanye nabasebenzi bethu sizolokhu sikubeke njalo eqhulwini.
Masilandele imigomo emenyezelwe nguhulumeni yokuphepha siqinisekise ukuthi siyasinqoba lesi sifo esisihlalise lubhojozi.
* UKwazi Mshengu unguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal