MHLELI: Ngithi angiphawule ngengikufunde ephephandabeni lami engingedlulwa ngisho olulodwa usuku ngingalithengi, Isolezwe. Ngiphawula ngombhalo ophume kwelango-Ephreli 25.
Udaba belumayelana nabaqeqeshi abangase bathathe izintambo kuJose Riveiro okuphatheka negama likaRulani Mokwena osekuvela ukuthi usememezele ukuthi uyashiya ekuqeqesheni iWydad Casablanca. Bekubikwa nokuthi owabe engunozinti wokuqina we-Orlando Pirates, uMoeneeb Josephs, akahambisani namahlebezi amatanisa uRulani neZimnyama ngenkani kulandela indlela ahamba ngayo.
Ngaphezu kwalokho kuthiwa umndeni wakubo kalo mqeqeshi uxhumene nezikaMagebhula ngoba uyindodana kaJulius 'KK' Sono, ongumfowabo kaJomo Sono, othathwa njengomdlali ovelele kwabake badlalela leli qembu.
Ngokombhali wodaba uma ekhuluma ngomJomane, umbiza ngokuthi ungumalume kuRulani. Akakaze ngesiZulu umfowabo kayihlo abizwe ngomalume. Kodwa ubizwa ngobaba omncane uma eyingane kuye, noma-ke kuthiwe ubab' omdala uma emdala kokuzalayo.
Umbhali ulandele ulimi londlebezikhanyilanga lapho khona olamana noyihlo ebizwa ngomalume. Kumele sikuqaphele ukubulala ifagugu lethu ngoba amaphephandaba siwathenga abuye afundwe nangabazukulu.
Angibhali ngoba ngigxeka kodwa siyakhana ngoba Isolezwe empeleni ngingathi mina yiSolesizwe sethu siyisizwe seLembe elabumba lesi sizwe saba yile mbumba esiyiyo ngokuhlonipheka.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE