Busi Mavuso
NAMUHLA sizothamela isitatimende senqubomgomo yesabelomali saphakathi nonyaka sikaNgqongqoshe weziMali, iMedium Term Budget Policy Statement (MTBPS), esivele sabaluleka kakhulu kunokujwayelekile ngenxa yesimo somnotho.
Umnotho wakuleli usuphazamiseke ngokwedlulele ngenxa yeCovid-19 okuphoqa ukuthi uhulumeni athathe izinyathelo eziphuthumayo ukugwema ukufadalala komnotho wezwe.
Lo msebenzi omkhulu usemahlombe wakhe uNgqongqoshe uTito Mboweni.
Inkulumo kangqongqoshe kufanele ibe nomphumela owodwa:
Kufanele ibuyise amathemba okuthi umnotho waleli uzosimama ngoba ngaphandle kwalokhu, imikhakha ezimele ngeke itshale imali emabhizinisini okuzophazamisa ukusimama komnotho.
Uhulumeni ubhekene nengqinamba yokungabi bikho kwemisebenzi. Uma angazama izindlela zokufaka imali ukusimamisa umnotho eyedwa, ngaphandle kokubambisana nemikhakha ezimele, akhukho okuzolunga. Kubili okuzofanele kuphume kulesi sitatimende okuzobuyisa amathemba.
Okokukuqala wukuthi inqubomgomo iqine ingashintshashintshi. Okwesibili, kubonakale ukuthi uhulumeni uhlela ukuzisebenzisa kanjani imali.
Yithuba lakhe ungqongqoshe lokudlala indima ebonakalayo ekusimamiseni umnotho wezwe. I-MTBPS ngokomthetho noma silandela umlando, akuyona indawo yayo ukuhlela inqubomgomo kahulumeni. Kufanele ihlanganise zonke izingqubomgomo ebezimenyezelwe ngoJuni kukhishwa isabelomali esasiphuthuma, nezinhlelo ezimenyezelwe nguMengameli uCyril Ramaphosa ngesonto elidlule. Isitatimende esiphethe imininingwane egcwele ngalezo zinhlelo, siyoba yinkombandlela ecacile nezwakalayo yekusasa lesizwe.
Umkhandlu kahulumeni wazibophezela ukusebenza ngentshiseko ukulandela uhlelo oluzogwema ingqinamba yezinga lokukweleta kukahulumeni. Siyadinga ukubona ubufakazi bokuthi akuzange kugcine ngenkhulumo kuphela.
Izinga lokukweleta kukahulumeni linobungozi okukhathaza kakhulu imikhakha ezimele. Yize sinengqalasizinda yemali encomekayo nemikhakha yamabhange nezimboni zokonga, isimo somnotho sixhomeke kakhulu esimeni sezimali zikahulumeni.
Uma uhulumeni engakwazi ukuqhubeka akwelete imali ukuze kufezeke izidingo zezwe zonyaka nonyaka, kuzophoqa ukuthi uhulumeni aboleke imali kwi-IMF imvamisa okufika nezibopho ezinzima kakhulu.
Uma uhulumeni engabonisi ukuthi lobu bungozi uzobugwema ngandlelani, kuzoba nzima emikhakheni ezimele, ikakhulukazi ezimbonini ezithembele kuhulumeni njengabhakhi nababoleki bemali, ukuthi baqale izinhlelo nazo ezinobungozi njengokutshalwa kwemali isikhathi eside.
Isitatimende seMTBPS singasiza ekuvuseni amathemba ngokuveza inqubekela phambili yokwehlisa izinga lokukweleta okwamenyezelwa ngoJuni.
Kufanele kubonakale ukuthi izinhlelo zokwehlisa isabelomali ezikhokhela izisebenzi zikahulumeni nezindleko eziqeda imali, njengokutakula izinkampani ezingaphansi kahulumeni njengeSAA, zikusiphi isigaba. Ukwabela imali izinhlelo ezisemqoka ekufukuleni umnotho kumele zivikelwe kakhulukazi yizingqalasizinda nemikhakha efana neNPA.
Isimo sokukweleta sikahulumeni sibucayi kodwa uma uhulumeni evulela isifuba abaphathi bemikhakha ezimele, ngezinyathelo azozithatha, aphinde akhe ithemba lokuthi ngempela uzolehlisa izinga lokukweleta, bazokwazi ukuhlela kabusha futhi bakwazi ukutshala imali okuzosimamisa umnotho.
Ngiyagcizelela, kumele athembeke uhulumeni ukuthi zizophumelela izinhlelo zakhe.
Imikhakha ezimele ifisa ukubona uNgqongqoshe wezeziMali, abela imali izinhlelo zokusimamisa umnotho ezimenyezelwe ngumengameli. Kubalulekile kakhulu lokhu - yebo kuyajabulisa ukuthi iNingizimu Afrika ihalaliselwa ukuba nesabelomali esenzeka phambi kwamehlo ezakhamuzi, kodwa kusemqoka ukuthi kufezwe lezo zinhloso ingagcini imali seyenza okuhlukile.
Kuyakhuthaza ukuthi umengameli ukhiphe izinhlelo zokusimamisa izwe ezicacile futhi ezizwakalayo.
UMboweni kumelele alandele kulezi zinyathelo akhuthaze isizwe nemiphakhathi yangaphandle ukuthi izinhlelo zizophumelela. Ngeshwa uma sibheka emuva, izinhlelo zikahulumeni azivamisile ukuphothulwa ngendlela esingathi iyimpumelelo. Ungqongqoshe ubhekene nomqansa wokuqinisekisa ukuthi imikhakha ezimele ithembe ukuthi izinhlelo kazizukulandela indlela yaphambilini.
Uma eyinqobile inkinga yokungathembeki kukahulumeni, isizwe isona esizozuza kakhulu futhi singene endleleni yokusimama. Kuyobe kusho ukuthi izinhlelo ezibalulekile zokuguqula futhi nokuvuselela ukusebenza komnotho zizofezeka. Umkhakha wezokuvakasha nemikhakha exhumene nawo, izozuza uma sekulula ukutholakala kwezimvume zokungena kuleli ngabazovakasha.
NgoMashi ozayo, iHigh Frequency Spectrum izokishwa. Isikhathi esithathwayo ukukhipha izimvume zezamanzi, zezimayini nezemvelo sizoncishiswa. Ingqalasizinda yezitimela izovulelwa imikhakha ezimele okungakaze kubonwe kuleli.
Okubaluleke kakhulu, izinkinga zokukhiqhizwa kukagesi zizoxazululwa.
Yize sibona kukhona amaphutha lapha nalaphaya futhi kusadingeka eminye imininingwane ngalezi zinhlelo, okusemqoka wukuthi abaphathi bezihlaka ezizimele bathembe ukuthi ngempela lezi zinhlelo zizokwenzeka zingagcini nje ukuba iziphakamiso.
Ngaleli themba elihlangane nesiqiniseko sokuthi uhulumeni uzimisele ukwehlisa izinga lokukweleta, imikhakha ezimele izotshala imali okuzokhulisa izimboni futhi kwandise amathuba emisebenzi kuphinde kuzikhuthaze ukubamba iqhaza ezinhlelweni zengqalasizinda zezwe.
UBusi Mavuso, isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa